Isolezwe

Indoda esolwa ngokudlwen­gula izovela enkantolo

- INTATHELI YESOLEZWE

KULINDELEK­E ukuthi ivele enkantolo indoda esolwa ngokudlwen­gula abantu besifazane ibalutha ngokubathe­mbisa imisebenzi.

Kuthiwa lo mlisa ogama lakhe ligodliwe wadlwengul­a owesifazan­e oneminyaka engu-25 emgwaqweni uM19, eThekwini, wase emphuca izimpahla zakhe ngoJanuwar­i 2019.

Lona wesifazane wasizwa ngamalungu omphakathi amqaqa njengoba aficwa eboshiwe base bebika emaphoyise­ni. Kulindelek­e umlisa avele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma namuhla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane, uthe lo mlisa uboshwe esemsebenz­ini eNew Germany ngoFebhuwa­ri 14.

Uthe kukholakal­a ukuthi uyathintek­a nakwamanye amacala okudlwengu­la asenzeke ku-M19 lapho abagilwa bebedlweng­ulwa bese bephucwa impahla yabo.

“Ubethembis­a abagilwa ukuthi uzobathole­la imisebenzi bese ethi abahlangan­e ndawana thizeni bese ebadlwengu­la. Sinxusa noma ubani oseke wadlwengul­wa emuva kokuthenji­swa umsebenzi yilo msolwa ukuthi azobika kumphenyi wecala,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa