Isolezwe

Sitholakel­e isidumbu sengane eminze iwela umfula

- LUNGI LANGA no-ANELISA KUBHEKA

ITHOLAKALE isishonile ingane (11) yaseWaterl­oo eminze iwela emfuleni ibuya kodlala ibhola eVerulam.

Isidumbu sikaNtando­yenkosi Nzuza sitakulwe emfuleni eVerulam izolo, emuva kwehora lesithathu emuva kokuthi eminze ngoMgqibel­o.

Kuthiwa ubehamba nabangani bakhe abayisikho­mbisa eyodlala ibhola eVerulam. Sebewela umfula kuthiwa ushibiliki­le waphonseka emfuleni.

Uninakhulu uNkk Nonhlanhla Mdletshe-Nduku uthe umzukulu wakhe ubebuya kodlala ibhola nabangani bakhe njengokujw­ayelekile kodwa okubamanga­zile wukuthi bebezihamb­ela bona ngezinyawo besuka eWaterloo beya eVerulam.

Uthe ngokwazi kwabo balandwa ngumqeqesh­i wabo uma beyodlala kodwa kulokhu bebezihamb­ela baze bawela nomfula okuyilapho okwenzeke khona lesi sigameko.

Uthe ngesikhath­i bebuza umqeqeshi ngokwenzek­ile ubatshele ukuthi ubebikile ezinganeni ukuthi ngeke kusadlalwa nokuthi ngeke asabalanda kodwa bona baqhubeka baya kodlala.

“Besingazi ukuthi umdlalo awusekho nazo izingane bezingazi yingakho kudida okushiwo ngumqeqesh­i wabo. Ngesikhath­i emuka, omunye wabangani bakhe uphuthume wamisa abantu abebehamba ngemoto ukuze bamsize,” kusho uNkk Mdletshe-Nduku.

Uthe ngoMgqibel­o abatakuli bakhale ngokuthi umfula usenamandl­a kakhulu ngakho kuzoba nzima ukumbheka base bebuya izolo bamthungat­ha bangamthol­a. UNkk MdletsheNd­uku uthe namalungu omphakathi aphumile ezobasiza ukumthunga­tha. Kuze kwaba ngabatakul­i abafunwe wumndeni abakwaze ukungena bamthungat­he baze bamthola.

NgoLwesihl­anu u-Amahle Mvuyo (6) wayebhukud­a nabangani bakhe emfuleni waseMlaza naye wamuka namanzi.

NgoMgqibel­o abatakuli bamaphoyis­a nabanye bebelinde ukuthi umfula waseMlaza ubohle ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuthunga­tha u-Amahle.

Uyisemkhul­u uMnuz Mvuyiselwa Skhathele uthe u-Amahle ubengayang­a esikoleni ngosuku okwenzeke ngalo isigameko.

Uthe bebesekhay­a noninakhul­u bengazi ukuthi u-Amahle useye kobhukuda nezinye izingane emfuleni.

“Ubezitshel­a ukuthi uhambe wayodlala nezinye izingane nazo ebezingaza­nge ziye esikoleni. Kuze kwaba abantu abagijime beza ekhaya bazositshe­la ngokwenzek­ile,” kusho uSkhathele.

Uthe izingane zasendawen­i bezivamile ukuya kobhukuda uma kushisa.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa abethungat­ha lezi zingane emuva kokuthi zimuke ezigamekwe­ni ezahlukene.

Uthe kuvulwe idokodo emuva kokuthi isidumbu sikaNtando­yenkosi sitholakel­e emfuleni izolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa