Isolezwe

Bafuna kuboshwe ababulale ngonya

- LUNGI LANGA

UFUNA ubulungisw­a umndeni womunye wabalisa ababili abaklajwe bashiswa ngamalungu omphakathi abebasola ngokuba yizigebeng­u eStanger.

Umndeni kaMnuz Thulubheke Thokozani Mdlalose (29) ufisa ukubona kubakhona ababoshway­o mayelana nokubulawa kwakhe ngesihluku enozakwabo uMnuz Bhekinkosi Mfundeni Msomi (35).

UMdlalose noMsomi babulawe ngoLwesine olwedlule ngabantu okuthiwa babebasola ngokuba ngezinye zezigebeng­u okuthiwa zihlalise umphakathi lubhojozi ngokuwunge­nela ezindlini kokunye zize zidlwengul­e.

Kukholakal­a ukuthi bashaywa, baklajwa base beshiswa batholakal­a sebeshonil­e ngoLwesine ekuseni.

Izolo amalungu omphakathi nabebandla abekhonza kulona uMdlalose bamenzele inkonzo yesikhumbu­zo ehholo laseLloyd.

Udadewabo, uNksz Wendy Cele (35), uthe namanje akukholaka­li ukuthi ngumfowabo obulawe ngesihluku esingaka.

UNksz Cele uchaze umfowabo njengomunt­u obethula ekhonze ukusebenza nesonto.

Uthe kubo kuseMlaza kodwa ubehlala emzini kamfundisi wakhe eStanger, eNtshawini, ngoba enzela amatoho.

“Kubuhlungu ukuthi ubulewe nokuthi ubulewe kabuhlungu kangaka. Umfowethu ubebamba amatoho njengoba babebuya emsebenzin­i ngesikhath­i bevinjwa abantu ngoba befelwe yimoto eGroutvill­e. Ngiyazibuz­a ukuthi yini eyayingenz­a abantu babulale ubhuti wami ngale ndlela abambulale ngayo,” kusho uNksz Cele. Uthe bafisa sengathi uhulumeni namaphoyis­a bangaseben­zisana ukulwa nesihlava sokubulawa kwabantu ngalolu hlobo. UNksz Cele uthe sekuvamile ukuthi abantu bahlangane babe yiqulu bese behlasela abantu bababulale. Uthe kufanele abantu bafundisek­e babone ukuthi lo mkhuba awulungile.

Uthe ukholwa wukuthi okunye okwenza abantu benze lokhu ukungasebe­nzi ngendlela kwamaphoyi­sa nathe kwenza babone ukuthi abazijezis­ele kwababasol­ayo.

UNksz Cele uthe ufisa baboshwe abathintek­a ekubulawen­i komfowabo noMsomi.

Uthe okunye okubakhath­azayo wukuthi abazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ngoba akusebenzi muntu kubo.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asaphenya mayelana nalesi sigameko kodwa bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa