Isolezwe

Kuboshwe abasolwa ngezidakam­izwa

- SILINDILE NTOMBELA

AMAPHOYISA abophe amadoda amane asola ngokushush­umbisa izidakamiz­wa.

Amaphoyisa ase nyakatho neTheku ngempelaso­nto enze uphenyo emuva kokuncinzw­a indlebe mayelana nezidakami­zwa. Kwenye yezindawo ezithela uphethroli, amaphoyisa abophe amadoda amabili aneminyaka ewu-31 no-37 atholakale nensangu. Kuthiwa atholakale nensangu eboshiwe esilungele ukudayiswa.

Amaphoyisa abe eseya lapho kuhlala khona izimpahla zawo afike athola enye insango nolunye uhlobo lwezidakam­izwa i-CAT ne-ecstasy. Intengo yezidakami­zwa ezitholiwe ilinganise­lwa ku-R10 400.

Kolunye uphenyo amaphoyisa abophe indoda eneminyaka ewu-23 okusolakal­a ukuthi iyona ebihambisa insangu emadodeni aboshiwe. Amaphoyisa abekade eyiqubele elinde ukuthi ihambise insangu njengokujw­ayelekile emadodeni abesekade ewabophile. Ekufikeni kwayo abe eseyibopha khona lapho.

Kwesinye isehlo amaphoyisa anikele eZimangwen­i, eNanda, lapho efike asesha khona indlu athola insangu ewu-28.5Kg intengo yayo elinganise­lwa kuR350.000. Kuboshwe indoda eneminyaka ewu-55 ngecala lokudayisa izidakamiz­wa. Kusolakala ukuthi insangu ibisuka eSwazini izosatshal­aliswa eNanda.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amadoda azovela eNkantolo yeMantshi eVerulam namuhla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa