Isolezwe

Izethembis­o zamaqembu ngokhetho

- MHLENGI SHANGASE

EZEMFUNDO, umhlaba, ukulwa nenkohlaka­lo, ukuthuthuk­isa ezempilo, amathuba emisebenzi ngezinye zezinto abaholi bamaqembu i-UDM, ACDP nePeople’s Revolution­ary Movement (PRM) abathe bazozenza uma bewina ukhetho ngoMeyi 8.

La maqembu athule umqulu wokukhanka­sela ukhetho ngempelaso­nto ezifundazw­eni ezahlukene.

Umholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa uthe ziningi izinto abazozenza uma bewina ukhetho njengoba bezosiza omasipala kwakhiwe amakhono ukuze kuvalwe igebe lokushoda kwamakhono.

Uthe lokhu kuzodala amathuba emisebenzi wathi kwezemfund­o bazotshala imali ukuze zonke izikole zibe nezinsiza kufundisa.

“Sifuna izikole zibe nengqalasi­zinda, kube nemitapo yolwazi, ama-laboratory, amakhompyu­tha labs nezinye izinsiza ezibalulek­ile. Sizovula amakolishi siqhubeke nemfundo yamahhala.”

Ukhale ngenkohlak­alo ngaphansi kukahulume­ni we-ANC wathi abantu akusamele bayethembe.

I-UDM ithule umqulu wokhetho eNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape.

Umholi we-ACDP uMfundisi Kenneth Meshoe, uthe kumele osopolitik­i abalahlwa amacala enkohlakal­o bangavunye­lwa ukuthi bayomela amaqembu ePhalamend­e.

UMeshoe othule umqulu wokhetho eKapa ngempelaso­nto, uthe kumele kuhlolwe indlela okuphila ngayo izisebenzi zikahulume­ni.

“Ukungasebe­nzi kwabantu kuleli kuvimba inqubekela phambili yezwe. Kumele baboshwe labo abathintek­a ekuweni kwebhange iVBS Mutual.”

Uthe bazolwa nendaba yokudliwa komhlaba ngenkani wathi bazokwakha amakhono adingekayo kwezomnoth­o.

“Sizovikela ilungelo lenkolo ezikoleni zethu, sakhe imfundo ezohambisa­na nokudingwa ngumnotho. Sizobuyisa abahloli abavalwa kwezemfund­o, siqiniseki­se ukuthi amaholo othisha ayakhushul­wa nokuthi uthisha angafundis­i abafundi abevile ku-25 ekilasini.”

UMengameli wePRM, uMnuz Nhlanhla Buthelezi, uthe balwa nokuthi kuhushulwe izisu, kudayiswe ngomzimba wathi uhulumeni angakwazi ukwakha amathuba emisebenzi.

“Asihambisa­ni nabantu abathandan­a nobulili obufanayo, hhayi ngoba sibazonda. Asihambisa­ni nokuhushul­a ngoba ukubulala lokho.”

UButhelezi uthe bazongenel­a ukhetho kuzwelonke wathi banesihlal­o kumasipala waseNewcas­tle kuwadi 33.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa