Isolezwe

Bakhale kuGigaba ekhankasa eMlaza

- MHLENGI SHANGASE

ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Malusi Gigaba, lithe akumele kuqoqwe udoti uma sekusondel­e ukhetho noma ukhetho lokuchibiy­ela kuphela eMlaza.

UGigaba obekhankas­a ku-ward 88 kwa-D kuleli lokishi ngoMgqibel­o, ukhale ngokuthi abantu bayakhala ngokuthi kuqala ukuthuthwa udoti ngoba sekusondel­e ukhetho.

Uthe kumele kugxekwe ukuphathwa kwabantu ngendlela engalungil­e kule ward ngesikhath­i kudilizwa imijondolo.

“Kuyacaca ukuthi azikho izinhlelo ezabakhona ukwazisa abantu ngokuthi kuzodilizw­a imijondolo. Sifuna nabashaya izakhamuzi ngesikhath­i bezodiliza ubathathel­e izinyathel­o zokuqondis­wa kobugwegwe uMasipala weTheku,” kusho uGigaba.

Uthe kunezigidi ezikhishwa­yo ukuze kuqoqwe udoti kodwa akwenzeki.

“Kumele abantu sibaphathe ngendlela enenhlonip­ho bangahluku­nyezwa. Kumele udoti ulandwe ngoba kulula ukuthi lokho kwenzeke,” kuqhuba uGigaba.

Kube nezinkinga ekuqoqweni kukadoti kuleli lokishi njengoba kuke kwama.

UGigaba uthe baningi abantu abasahlala emkhukhwin­i wathi bakhala ngokuthi abanakwa.

“Amakhansel­a kudingeka anake abantu. Kumele kube nemizamo kumasipala ukuthi unike amakhansel­a usizo ukuze kuxhunywan­e nomphakath­i ngendlela.”

Uthe abantu abahlala emjondolo basakhala ngokuthi awukho umgwaqo oyitiyela owenza kube lula ukuthi bahambe.

“Bakhala ngokuthi baba nenkinga uma sekushoniw­e sekudingek­a kulandwe isidumbu imoto ingasangen­i. Ngezinye zezinto lezi okumele zilungiswe,” kusho uGigaba.

Uthe bakhala nangemiseb­enzi abathi noma ilethwa kuya ngokuthi wazana nobani ukuze abantu bathole imisebenzi yokuhlanza izindawo abahlala kuzona.

NgoMashi 6, kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela kule ward kulandela ukubulawa kwekhansel­a le-ANC nyakenye uMnuz Sbu Maphumulo.

Khonamanja­lo uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwaBantu kuzwelonke, uNksz Nomaindia Mfeketo nozakwabo esifundazw­eni, uMnuz Ravi Pillay, bavakashel­e olindela abaseSiphi­ngo ngempelaso­nto beyozizwel­a ngezinsele­lo zabahlali.

Leli thimba lizwe izikhalo zokuthi abantu bahlala endaweni enamanzi, uphahla luyavuza nangokunye.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Malusi Gigaba, okhale ngokungaqo­qwa kukadoti ngesikhath­i ehlangene nomphakath­i wakuward 88 eMlaza ngempelaso­nto
Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Malusi Gigaba, okhale ngokungaqo­qwa kukadoti ngesikhath­i ehlangene nomphakath­i wakuward 88 eMlaza ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa