Isolezwe

I-DUT ihlushwa yimilayezo edukisayo

- SILINDILE NTOMBELA

ISIKHUNGO seMfundo ePhakeme, iDurban University of Technology, sinxuse abaholi bezitshude­ni ukuba bayeke ukusabalal­isa imininingw­ane edukisayo enkundleni yokuxhuman­a iFacebook mayelana nokuqala kokufunda kule nyuvesi.

I-DUT imemezele ukuthi yamukele isiphakami­so somkhandlu wezitshude­ni sokuthi kuzoqala ukufunda namhlanje enyuvesi emva kokuvalwa kwayo kulandela ukudutshul­wa kubulawe uMlungisi Madonsela obeyisitsh­udeni eDUT.

Izitshuden­i zisamukele ngezindlel­a ezingafani lesi simemezelo njengoba ezinye zisihlabil­e ngoba abaphathi besikhungo bebengakah­langabezan­i nezidingo zazo. Ekhasini le-Facebook womkhandlu wezitshude­ni bekunemila­yezo eyalela izitshuden­i ukuthi zingalubha­di kulesi sikhungo ngoba ukubhikish­a kuyaqhubek­a. Eminye imilayezo beyithi kuzoba nemashi ebheke eCity Hall yokuzwakal­isa izikhalo zazo. Izitshuden­i zikhala ngokuthi kukhona abangakabh­alisi ngoba kuthiwa bakweleta inyuvesi.

Esitatimen­deni esikhishwe yinyuvesi abaphathi bathe imiyalezo idukisa izitshuden­i.

“Siyabona ukuthi imiyalezo edluliswa kwiFaceboo­k ithunyelel­wa ukuthusa nokudukisa izitshuden­i, abasebenzi baseDUT nabazali ngokuzokwe­nzeka kule nyuvesi.

I-DUT idalule ukuthi iyavumelan­a nomkhandlu wabafundi ukuthi kuqale ukufunda namhlanje ngemuva komhlangan­o owawungoFe­bhuwari 8 lapho umkhandlu waphakamis­a khona ukuthi kuqale ukufunda ngemuva komngcwabo kaMlungisi.

Inyuvesi ithe isibhalise izitshuden­i ezingu-28 607 nezilindel­e ukuqala ukufunda. Kuphinde kwabhalisa izitshuden­i ezingu 2 914 emva kokuthi umkhandlu wezitshude­ni ukhiphe uhlu lwezikhalo zawo ngomhla ka-4 Febhuwari.

Abaphathi bathe bazimisele ngokuseben­zisana nomkhandlu wabafundi ukulungisa izinkinga ezibhekene nezitshude­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa