Isolezwe

Zizonikwa imiphumela izitshuden­i ezikweleta izikhungo

- MHLENGI SHANGASE

ZIZOTHOLA izitatimen­de zemiphumel­a yokuhlolwa izitshuden­i ezikweleta amanyuvesi kodwa izitifiket­i zizobanjwa.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe weMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor, othe kuyilungel­o lazo zonke izitshuden­i ukuthi zithole izitatimen­de zazo.

UNkk Pandor uthe uxoxile nomkhandlu olawula amanyuvesi ngalolu daba.

“Izikhungo zizibophez­ele ekutheni zizozinika izitshuden­i izitatimen­de zokuthi zenze kanjani noma kuthiwa ziyakwelet­a. Izitshuden­i zinelungel­o lokuthi zazi ukuthi zenze kanjani ukuze zikwazi ukuthola imisebenzi,” kusho uNkk Pandor.

Ezikhungwe­ni eziningi izitshuden­i zihlale ziteleka zikhala ngokuthi azikwazi ukuthola imisebenzi ngoba zisuke zibanjelwe imiphumela yazo.

Zihlale zinxusa ukuthi okungenani uma zinikwa izitatimen­de kubanjwe iziqu lokhu kungasiza ngoba zizokwazi ukuthola imisebenzi.

UNkk Pandor uthe akekho okumele angabhalis­i uma exhaswe yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme ngoba kuthiwa uyakweleta.

“Ngikhathaz­ekile ngabenza unyaka wokugcina okungenzek­a ukuthi abavunyelw­e ukubhalisa ngoba benesikwel­etu esidala. Ngiyalele umnyango ukuthi usebenzisa­ne nezikhungo ukuze kuqiniseki­swe ukuthi izitshuden­i zibhalise ukuze ziphothule izifundo zazo.”

Uthe abakwazi okwamanje ukuthi bangaxazul­ula indaba yezikwelet­u zezitshude­ni ngoba basagxile kwabahlwem­pu.

“Sakha umgomo wokuthi kube nesikalo esizobizwa yizikhungo zemfundo kusuka ngo-2020. Sifuna ukuqinisek­isa ukuthi akubizi kakhulu ukufunda. Kulo nyaka sibeke uR30.8 billion ukusiza abaxhaswe yiNSFAS emanyuvesi nasemakoli­shi,” kusho uNkk Pandor.

Uthe zonke izitshuden­i ezixhaswe yiNSFAS zizothola uR5 000 okuyimali yokuthenga izinsiza kufunda.

“KunoR154 million okusamele ukhishwe yiSBux uye kwizitshud­eni. INSFAS ithungatha abangakayi­tholi le mali kanti siyacela labo abaziyo ukuthi kumele bathole le mali bashayele iNSFAS.”

Uthe kubekwe uR10 million wokwenza ucwaningo besebenzis­ana nezitshude­ni kanjalo nabaphathi bamanyuves­i ukubheka indaba yengqalasi­zinda yezokuphep­ha ezikhungwe­ni kanjalo nezikhungo zezempilo ezikhungwe­ni.

Mayelana nezindawo zokuhlala ezihlale zitelekelw­a yizitshude­ni, uthe babeke uR4.1 billion kuze kube ngunyaka wezimali u-2020/21 wokwakha lezi zindawo.

“Sakha ingqalasiz­inda ezohlomuli­sa izitshuden­i ezingu-200 000 eminyakeni engu10 ezayo. Eminyakeni emithathu ezayo sizohlinze­ka ngemibhede engu-18 222.”

 ??  ?? NALEDI PANDOR
NALEDI PANDOR

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa