UNkomo nesu lokwakhela izitshudeni
UMNUZ Owen Nkomo weNkunzi Investment uhlose ukwandisa abantu abamnyama abangabanikazi bezakhiwo yingakho esesungule Inkunzi Student Accommodation Fund (ISAF).
UNkomo unombono wokwehlisa izinkinga zendawo yokuhlala emanyuvesi ezibhekana nezitshudeni minyaka yonke ezikhungweni zemfundo ephakeme ngokuthi akhe izindawo zokuhlala.
Ezinye zazo bazozakha zisuka phansi ezinye bathenge amabhilidi noma izindlu eziseduzane nezikhungo, zilungiswe bese zishintshwa ukuba yizindawo ezingahlala izitshudeni.
Minyaka yonke izitshudeni zihlale zitelekela ukushoda kwezindawo zokuhlala noma izindawo ezingekho esimeni sokuhlala izitshudeni.
“Ngalesi sikhwama sihlose ukuthi sithole uR250 million oyisiqalo ukuze sikwazi ukuboleka enye imali ebhange, sithenge amabhilidi nezindlu noma sizakhe lezi zindawo. Noma ngubani angatshala imali esuka kuR5 000 kuya phezulu, uzoba namasheya kuleli bhizinisi lezindawo zokuhlala. Kuzothi uma sekungena imali bese bethola inzuzo,” kusho uNkomo.
Ukusho lokhu ekhuluma nabantu abafuna ukutshala imali kulesi sikhwama ePlayhouse, eThekwini ngempelasonto.
Uthe lolu wuhambo abafuna ukulwenza nabantu abamnyama ukuze bathuthuke njengoba zishoda kakhulu izindawo zokuhlala izitshudeni hhayi kulesi sifundazwe kodwa ezweni lonke.
“Zikhona izindawo esesizitholile ukuthi singakha kuzona. Sizoxoxa nomasipala ukuthola ezinye futhi asizogxila kuphela kwizitshudeni ezixhaswa yisikhwama sezimali sikahulumeni iNSFAS kodwa nezinye izitshudeni ezithola imifundaze nalezo ezizikhokhelayo zizongena ohlelweni,” kusho uNkomo.
Uthe umuntu uma sekufike leso sikhathi angakwazi ukudayisa amasheya akhe azobe enawo.
Ebuzwa ngendaba yokuthi njengoba kukhona inkohlakalo engaka ezweni abantu bazothemba kanjani ukuthi imali yabo ngeke idliwe, uthe kukhona ibhodi nekomiti elizimele elibhekele ukutshala imali.
“Lokhu sikwenze ngoba sifuna ukuqinisa idolo abatshalimali nabazoba abanikazi bamasheya ukuthi senza into engu-ngqo. Angikwazi ukuzithathela mina izinqumo zokutshala imali, ukuthenga umhlaba noma amabhilidi, ukwakha ngaphandle kwebhodi nekomiti. Sinabantu abanamava okubalwa uNksz Vanessa van Vliet (isikhulu esiphezulu seThubalethu kanjalo noMnuz Siyabonga Mbanjwa, David de Villiers noThabo Motloung abangamalungu ekomiti.”
UMbanjwa uthe kuzoba nemihlangano nabanikazi bamasheya wathi amasheya ayodluliselwa kulowo obhaliwe uma umnikazi eshona.
UNkomo uthe into eyenze ukuthi ibhange iVBS liwe ngukuthi bekusetshenziswa inkampani eyodwa yabacwaningi iminyaka eminingi wathi bona bazoyishintsha ukuze bungabikhona ubudlelwano.
Abantu bangaya kwi-website ethi:www.isaf.co.za ukuze bathole eminye imininingwane.