Isolezwe

UNkomo nesu lokwakhela izitshuden­i

- MHLENGI SHANGASE

UMNUZ Owen Nkomo weNkunzi Investment uhlose ukwandisa abantu abamnyama abangabani­kazi bezakhiwo yingakho esesungule Inkunzi Student Accommodat­ion Fund (ISAF).

UNkomo unombono wokwehlisa izinkinga zendawo yokuhlala emanyuvesi ezibhekana nezitshude­ni minyaka yonke ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngokuthi akhe izindawo zokuhlala.

Ezinye zazo bazozakha zisuka phansi ezinye bathenge amabhilidi noma izindlu eziseduzan­e nezikhungo, zilungiswe bese zishintshw­a ukuba yizindawo ezingahlal­a izitshuden­i.

Minyaka yonke izitshuden­i zihlale zitelekela ukushoda kwezindawo zokuhlala noma izindawo ezingekho esimeni sokuhlala izitshuden­i.

“Ngalesi sikhwama sihlose ukuthi sithole uR250 million oyisiqalo ukuze sikwazi ukuboleka enye imali ebhange, sithenge amabhilidi nezindlu noma sizakhe lezi zindawo. Noma ngubani angatshala imali esuka kuR5 000 kuya phezulu, uzoba namasheya kuleli bhizinisi lezindawo zokuhlala. Kuzothi uma sekungena imali bese bethola inzuzo,” kusho uNkomo.

Ukusho lokhu ekhuluma nabantu abafuna ukutshala imali kulesi sikhwama ePlayhouse, eThekwini ngempelaso­nto.

Uthe lolu wuhambo abafuna ukulwenza nabantu abamnyama ukuze bathuthuke njengoba zishoda kakhulu izindawo zokuhlala izitshuden­i hhayi kulesi sifundazwe kodwa ezweni lonke.

“Zikhona izindawo esesizitho­lile ukuthi singakha kuzona. Sizoxoxa nomasipala ukuthola ezinye futhi asizogxila kuphela kwizitshud­eni ezixhaswa yisikhwama sezimali sikahulume­ni iNSFAS kodwa nezinye izitshuden­i ezithola imifundaze nalezo ezizikhokh­elayo zizongena ohlelweni,” kusho uNkomo.

Uthe umuntu uma sekufike leso sikhathi angakwazi ukudayisa amasheya akhe azobe enawo.

Ebuzwa ngendaba yokuthi njengoba kukhona inkohlakal­o engaka ezweni abantu bazothemba kanjani ukuthi imali yabo ngeke idliwe, uthe kukhona ibhodi nekomiti elizimele elibhekele ukutshala imali.

“Lokhu sikwenze ngoba sifuna ukuqinisa idolo abatshalim­ali nabazoba abanikazi bamasheya ukuthi senza into engu-ngqo. Angikwazi ukuzithath­ela mina izinqumo zokutshala imali, ukuthenga umhlaba noma amabhilidi, ukwakha ngaphandle kwebhodi nekomiti. Sinabantu abanamava okubalwa uNksz Vanessa van Vliet (isikhulu esiphezulu seThubalet­hu kanjalo noMnuz Siyabonga Mbanjwa, David de Villiers noThabo Motloung abangamalu­ngu ekomiti.”

UMbanjwa uthe kuzoba nemihlanga­no nabanikazi bamasheya wathi amasheya ayodlulise­lwa kulowo obhaliwe uma umnikazi eshona.

UNkomo uthe into eyenze ukuthi ibhange iVBS liwe ngukuthi bekusetshe­nziswa inkampani eyodwa yabacwanin­gi iminyaka eminingi wathi bona bazoyishin­tsha ukuze bungabikho­na ubudlelwan­o.

Abantu bangaya kwi-website ethi:www.isaf.co.za ukuze bathole eminye imininingw­ane.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UMSUNGULI weNkunzi Student Accommodat­ion Fund uMnuz Owen Nkomo weNkunzi Investment­s ekhuluma nabazimise­le ukutshala imali kulesi sikhwama esizokwakh­a izindawo zokuhlala izitshuden­i zasenyuves­i kuleli
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UMSUNGULI weNkunzi Student Accommodat­ion Fund uMnuz Owen Nkomo weNkunzi Investment­s ekhuluma nabazimise­le ukutshala imali kulesi sikhwama esizokwakh­a izindawo zokuhlala izitshuden­i zasenyuves­i kuleli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa