Isolezwe

Imile impilo kwabanenki­nga yomazisi

- PHILI MJOLI

BABHUQUZA ekhaya abesifazan­e baseManden­i ‘abangumunt­u oyedwa’ osekuphele iminyaka engu-17 bezama ukulungisa inkinga yeminyaka kumazisi.

UNksz Nonhlanhla Mpanza (34) noNksz Nonhlanhla Patience Mpanza (36) bashaya omazisi ehhovisi eliseMande­ni ngo2002. Awuzange ubuye umaszisi kNonhlanhl­a (34), okaNonhlan­hla (36) wabuya inamba yosuku lokuzalwa ikhomba ukuthi uneminyaka engaphansi ngemibili. Uthi wabatshela ehhovisi lezasekhay­a ukuthi imininingw­ane ekuwo akuyona eyakhe bathi akulona iphutha labo ngelasePit­oli. Bathi akawuseben­zise ngoba umehluko muncane. Isitifiket­i sikamatric saphuma sikhomba ukuthi oka1982 kodwa umazisi ukhomba ukuthi oka1985.

Ngonyaka olandelayo wayofunda iHuman Resource Management, eMangosuth­u University of Technology (MUT) waphothula ngo-2007. IDiploma yabanjwa kuthiwa akalethe umazisi onemininin­gwane efana nesesitifi­ketini sikamatric, namanje isahleli khona ngoba umazisi awuphumi.

UNonhlanhl­a (34) akazange emukelwe Ongoye befuna umazisi ngo-2007.

Zombili lezi zintokazi zakwaMpanz­a ezingahlob­ene zinezingan­e.

“Ngangineng­cindezi yokuthi ingane yami yayingemuk­elwa ezikoleni, ngasebenzi­sa wona lo mazisi yize ngazi ukuthi unemininin­gwane ephambene ukuze ingane yami ibe nesitifike­ti,” kusho yena.

Ngeshwa isenzo sakhe senza izinto zaba nzima ‘eweleni’ lakhe elingasakw­azi ukwenzela izingane izitifiket­i.

“Ngo-2015 sobabili saya emnyangwen­i wezasekhay­a eStanger siyolungis­a. Sekuphele iminyaka emithathu sifona kuthiwa udaba lusacutshu­ngulwa. Umazisi enginawo awungisizi, sengilahle ithemba,” kusho uNonhlanhl­a.

UMnuz David Hlabane okhulumela umnyango wezasekhay­a uthe lolu daba uluthumele ophikweni olufanele oluzoluphe­nya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa