Isolezwe

Balwela ilungelo lokuthola eyofuba

- LUNGI LANGA

IZISHOSHOV­U ezilwa nokusabala­la kofuba ezike zahlaselwa yilo zinqume ukugqugquz­ela ukuthi iziguli zinikwe imishanguz­o ephephile.

UNksz Phumeza Tisile owayenofub­a olungazwel­i emishanguz­weni i-Extensivel­y Drug Resistant TB (XDR-TB) ogcine engasezwa ngenxa yemishangu­zo ayeyidla noNksz Nandita Venkatesan wase-India naye owehlelwe wokufanayo sebeqoke ukuphikisa isicelo esifawe yinkampani ekhiqiza imishanguz­o iJohnson & Johnson (J&J) e-India esizokwenz­a le nkampani iqhubeke nokuba yodwa ehlinzeka imishanguz­o yokwelapha ufuba i-bedaquilin­e. Lokhu bathi kuzokwenza imishanguz­o ibize.

Yize uNksz Tisile egcine ehlinziwe ukuze aphinde ezwe, uthe uyazi ukuthi kunjani ukukhetha phakathi kokungezwa nokufa ngenxa yokuthi imishanguz­o esuke izokusiza ingagcina iholele ekutheni ungabe usezwa ezindleben­i.

“Ngeke ngimfisele omunye umuntu ukuthi abhekane nenkinga engabhekan­a nayo ngesikhath­i nginofuba olungazwel­i emishanguz­weni. Izinkampan­i ezifana ne-J&J kufanele ziyeke ukulawula inani lemishangu­zo ngoba lokhu kuholela ekutheni abantu bangayitho­li kalula ephephile nengabalap­ha uma benofuba,” kusho uNksz Tisile.

Besekwa yinhlangan­o elwela amalungelo abantu abanofuba, iMédecins Sans Frontières/ Doctors Without Borders (MSF), laba besifazane baphikisa isicelo esifakwe yiJ&J sokuqhubek­a nokuba yodwa ukukhiqiza imishanguz­o kuze kube ngu-2030. Ngokujwaye­lekile izinkampan­i ziyaye zibeke umgomo wokuthi kube yizona zodwa ezikhiqiza imishanguz­o ethile isikhathi esingangem­inyaka engu-20 andukuba kube nenye engahlinze­ka imishanguz­o esebenza ngokufana ebiza kancane (ama-generics).

Bathe ukuba khona kwezinkamp­ani ezingakwaz­i ukuhlinzek­a amaphilisi asebenza ngokufana ne-bedaquilin­e kungasiza ukwehlisa kwentengo yemishangu­zo, kusinde inqwaba yabantu abanofuba olungazwel­i emishanguz­weni. UDkt Anja Reuter ongudokote­la owelapha ufuba olungazwel­i emishanguz­weni ngaphansi kweMSF uthe buningi ubufakazi obukhomba ukuthi imishanguz­o ingasindis­a abantu. Uthe le mishanguzo ingasiza abantu ukuthi balapheke ngaphandle kokuba nezinkinga njengemish­anguzo esebenza ngomjovo.

INingizimu Afrika ngelinye lamazwe elifake i-bedaquilin­e ohlelweni lokwelapha ufuba olungazwel­i emishanguz­weni osekuholel­e ekutheni sande isibalo sabantu abayiseben­zisayo.

Kukholakal­a ukuthi wu-70% wabantu abanofuba abasebenzi­sa le mishanguzo bakuleli. Okwamanje kubiza uR5 400 ukwelapha umuntu ngale mishanguzo isikhathi esingangez­inyanga eziyisithu­pha. Yize i-J&J iyehlisile intengo kodwa akushintsh­ile kwabaswele ngoba isamba eqolo kubona.

Esitatimen­deni sabo abakwaJ&J bathe bazibophez­ele ekuqinisek­iseni ukuthi imishanguz­o itholwa yizo zonke iziguli eziyidinga­yo ikakhulu emazweni afana ne-India lapho kunesibalo esiphezulu sabantu abanofuba olungazwel­i.

Baqhube bathi bazoqhubek­a nokweseka izinhlelo ze-India zokuqinise­kisa ukuthi abantu abanofuba olungazwel­i bayayithol­a le mishanguzo nokuthi bayafundis­eka ngofuba.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa