Balwela ilungelo lokuthola eyofuba
IZISHOSHOVU ezilwa nokusabalala kofuba ezike zahlaselwa yilo zinqume ukugqugquzela ukuthi iziguli zinikwe imishanguzo ephephile.
UNksz Phumeza Tisile owayenofuba olungazweli emishanguzweni i-Extensively Drug Resistant TB (XDR-TB) ogcine engasezwa ngenxa yemishanguzo ayeyidla noNksz Nandita Venkatesan wase-India naye owehlelwe wokufanayo sebeqoke ukuphikisa isicelo esifawe yinkampani ekhiqiza imishanguzo iJohnson & Johnson (J&J) e-India esizokwenza le nkampani iqhubeke nokuba yodwa ehlinzeka imishanguzo yokwelapha ufuba i-bedaquiline. Lokhu bathi kuzokwenza imishanguzo ibize.
Yize uNksz Tisile egcine ehlinziwe ukuze aphinde ezwe, uthe uyazi ukuthi kunjani ukukhetha phakathi kokungezwa nokufa ngenxa yokuthi imishanguzo esuke izokusiza ingagcina iholele ekutheni ungabe usezwa ezindlebeni.
“Ngeke ngimfisele omunye umuntu ukuthi abhekane nenkinga engabhekana nayo ngesikhathi nginofuba olungazweli emishanguzweni. Izinkampani ezifana ne-J&J kufanele ziyeke ukulawula inani lemishanguzo ngoba lokhu kuholela ekutheni abantu bangayitholi kalula ephephile nengabalapha uma benofuba,” kusho uNksz Tisile.
Besekwa yinhlangano elwela amalungelo abantu abanofuba, iMédecins Sans Frontières/ Doctors Without Borders (MSF), laba besifazane baphikisa isicelo esifakwe yiJ&J sokuqhubeka nokuba yodwa ukukhiqiza imishanguzo kuze kube ngu-2030. Ngokujwayelekile izinkampani ziyaye zibeke umgomo wokuthi kube yizona zodwa ezikhiqiza imishanguzo ethile isikhathi esingangeminyaka engu-20 andukuba kube nenye engahlinzeka imishanguzo esebenza ngokufana ebiza kancane (ama-generics).
Bathe ukuba khona kwezinkampani ezingakwazi ukuhlinzeka amaphilisi asebenza ngokufana ne-bedaquiline kungasiza ukwehlisa kwentengo yemishanguzo, kusinde inqwaba yabantu abanofuba olungazweli emishanguzweni. UDkt Anja Reuter ongudokotela owelapha ufuba olungazweli emishanguzweni ngaphansi kweMSF uthe buningi ubufakazi obukhomba ukuthi imishanguzo ingasindisa abantu. Uthe le mishanguzo ingasiza abantu ukuthi balapheke ngaphandle kokuba nezinkinga njengemishanguzo esebenza ngomjovo.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe elifake i-bedaquiline ohlelweni lokwelapha ufuba olungazweli emishanguzweni osekuholele ekutheni sande isibalo sabantu abayisebenzisayo.
Kukholakala ukuthi wu-70% wabantu abanofuba abasebenzisa le mishanguzo bakuleli. Okwamanje kubiza uR5 400 ukwelapha umuntu ngale mishanguzo isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha. Yize i-J&J iyehlisile intengo kodwa akushintshile kwabaswele ngoba isamba eqolo kubona.
Esitatimendeni sabo abakwaJ&J bathe bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi imishanguzo itholwa yizo zonke iziguli eziyidingayo ikakhulu emazweni afana ne-India lapho kunesibalo esiphezulu sabantu abanofuba olungazweli.
Baqhube bathi bazoqhubeka nokweseka izinhlelo ze-India zokuqinisekisa ukuthi abantu abanofuba olungazweli bayayithola le mishanguzo nokuthi bayafundiseka ngofuba.