Isolezwe

Bamise ukwakhiwa kweFET befuna ukuqashwa

- LUNGI LANGA

AMALUNGU omphakathi waseNhlala­kahle, eGreytown, asemise ukwakhiwa kwesikhung­o semfundo ephakeme kule ndawo.

Umphakathi waku-ward 7, eGreytwon sekuphele amasonto amane uvale ukwakhiwa kwesikhung­o semfundo ephakeme iFurther Education and Training (FET) eqale ukwakhiwa ngoJanuwar­i nonyaka okuthiwa bekulindel­eke ukuthi kuphothulw­e ukwakhiwa kwaso eminyakeni emithathu.

UMnuz Ntokozo Zulu ongusihlal­o wekomiti lomphakath­i waku-ward 7 uthe amalungu omphakathi amise ukwakhiwa kwalesi sikhungo esikumasip­ala waseMdloti ngoba ethi afuna ukuqashwa njengoba kwakhiwa. Amalungu omphakathi wakule ndawo avuka ekuseni nsuku zonke ayoqhinqa ngaphandle kwalapho okwakhiwa khona le-FET ngenhloso yokuvimbel­a noma ubani ongenayo nophumayo ethi uzosebenza.

Uthe amalungu omphakathi awagcinile nje kuphela ngokumisa ukwakhiwa kwesikhung­o kodwa aphinde amise ukulethwa kwezinhlel­o zikamasipa­la njengokula­ndwa kukadoti, ukufundwa kwamamitha kagesi nokunye.

UZulu uthe sekunesikh­athi kwaqalwa izinhlelo zokwakhiwa kwesikhung­o futhi babezitshe­la ukuthi nabo bazonikwa amathuba okuthi basebenze njengoba kwakhiwa.

“Umphakathi walana ku-ward 7 yiwona wodwa owakhishel­wa ngaphandle kwangaqash­wa ngisho umuntu oyedwa. Ngaphandle kwalokho nathi sinabo abantu abanezinka­mpani ezingayenz­a eminye imisebenzi edinga ukwenziwa kodwa bonke labo bantu abazange banikwe ithuba lokuthi bafake izicelo zabo zokusebenz­a. Umphakathi udiniwe ngenxa yale nto wase ukuvimba ukuqhubeka kokwakhiwa kwe-FET,” kusho uZulu.

Uthe sebekube nemihlanga­no eyahlukene nomasipala eke yabanika ithemba lokuthi kukhona abasangaqa­shwa kodwa manje sekubukeka engathi akukho okwenzekay­o.

UZulu uthe bakhathaze­kile ngendlela umasipala wakuleya ndawo olusingeth­e ngayo udaba lokungaqas­hwa komphakath­i waku-ward 7 ngesikhath­i kwakhiwa lesi sikhungo.

Uthe bazoqhubek­a nokumisa ukwakhiwa kwalesi sikhungo nokulethwa kwezinhlel­o zikamasipa­la kuze kube bayaqashwa.

Okhulumela uMasipala waseMdloti, uNksz Phindile Phungula, uthe bayazi ngokuphaza­nyiswa kokwakhiwa kwe-FET ngabantu abazibiza ngekomiti lomphakath­i waseNhlala­kahle.

Uthe umasipala sewube nemihlanga­no eminingi nabaholi baleli komiti abaqala ngokuthi bazobuza ngamathuba omsebenzi namabhizin­isi e-FET nakumasipa­la.

Uthe abantu abakhala ngokungaqa­shwa kwi-FET bakholwa ukuthi kufanele baqashwe ngoba yakhiwe endaweni yabo yize kwakushiwo ukuthi kuzohlomul­a wonke amaward angu-14.

“Bekungekho zinhlelo ezenziwe zokuvimbel­a abantu bakuleya ward ukuthi bathole amathuba omsebenzi ngaphandle kokuthi bona bakholwa ukuthi kufanele kube yibo kuphela abahlomula­yo uma kunamathub­a akhona. Kufanele kuhlomule wonke ama-ward angu-14 akulo masipala,” kusho uNkk Phungula.

Uveze nokuthi umasipala sewusezinh­lelweni zokuluyisa enkantolo udaba lokuphazan­yiswa kokwakhiwa kweFET.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Lunga Ngqengelel­e, uthe usalinde ukuthola kabanzi ngalolu daba ukuze akwazi ukuphendul­a.

 ?? Isithombe SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU omphakathi waseNhlala­kahle, eGreytown, abevimbe ukuqhubeka kokwakhiwa kwe-FET ngoba efuna ukuqashwa
Isithombe SITHUNYELW­E AMALUNGU omphakathi waseNhlala­kahle, eGreytown, abevimbe ukuqhubeka kokwakhiwa kwe-FET ngoba efuna ukuqashwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa