Isolezwe

Uhulumeni kufanele anabe ngale migomo emisha yokuqasha

-

UHULUMENI uthi usuzoqale ubheke ukuthi abantu abafake izicelo zokuqashwa baziphatha kanjani ezinkundle­ni zokuxhuman­a nokuthi bami kanjani ezikweleti­ni.

Lesi simemezelo senziwe nguMnyango weziSebenz­i nokuPhatha. Okunye okuzobhekw­a ngukuthi osuke efake isicelo somsebenzi akakaze yini alahlwe amacala, ubuzwe bakhe, iziqu kanjalo nalapho eke wasebenza khona.

Okunye vele kuyabhekwa ngaphambi kokuthi umuntu aqashwe kodwa okwezinkun­dla zokuxhuman­a kuzobe kuqala.

Lo mnyango uthi akekho umuntu ozocwaseka kodwa kuyacaca ukuthi lena ngenye yezindlela yokulawula indlela abasebenzi bahulumeni abaziphath­a ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Nakuba ingehli kahle le ndaba kodwa kukhona ukuthi okusuke kusezinkun­dleni zokuxhuman­a kuvele sekusesidl­angalaleni nokusho ukuthi akusikho ukuthi uhulumeni uzobe epequlula izimfihlo.

Izinkampan­i ezizimele sezivele ziyayibhek­a indlela umuntu aziphatha ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kanti ngisho abafundi abafake izicelo zomfundaze ezinkampan­ini ezizimele kuyabhekwa abakwenza nabakubhal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Kuyiqiniso ukuthi kukhona izinto ezingamuke­lekile ezishiwo ngabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengokucw­asa ngokobuhla­nga, ubulili, ubuzwe, ukugqugquz­ela udlame, ubugebengu nokudicile­la phansi isithunzi somunye umuntu.

Kuyazwakal­a futhi ukuthi uma ungumuntu owenza lezi zinto kungani umqashi engaba manqika ukukuqasha.

Kodwa uhulumeni kumele akhulume iqiniso ukuthi uqondeni ngempela ngoba akukholaka­li ukuthi bathi abazukucwa­sa abafake izicelo.

Uhulumeni awuphumele obala futhi ukuthi uqondeni ngempela ngokuthi uzobheka nezikwelet­u zabantu. Ngabe abantu abacwile ezikweleti­ni ngeke baqashwe? Bahlangani­seni nezikwelet­u zabantu uma kungabantu abazobe bengaseben­zi ngemali kahulumeni?

Ngisho umuntu enza into enhle, akulula ukuyeseka uma engagonyul­uki asho ukuthi inhloso iyini ngempela. Kusafanele uhulumeni anabe ngale migomo emisha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa