Yini ebhekwa yinkantolo uma inquma ngesicelo sebheyili
Umsuka womthetho webheyili isigaba samashumi amathathu nanhlanu soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika sibeka ngamalungelo abantu abasuke besolwa ngobugebengu ababizwa ngabasolwa.
Lesi sigaba sinquma isikhathi sokuvela enkantolo sosolwayo okokuqala, ukunikwa isikhathi esanele sokulungiselela izethulo namanye amalungiselelo okuphendula ngasuke esolwa ngako. Umsolwa uthathwa njengongenacala.
Yikho phela kuthiwa umsolwa ngoba umbuso usuke usazoveza ubufakazi obungephikiswe ukuthi lokho asuke esolwa ngakho ukwenzile.
Ukulawula ukusebenza kwesigaba esisichaphunile kuMthethosisekelo ngaphezulu, kwaphasiswa wumthetho owaziwa ngeCriminal Procedure Act olawula uhlelo lwebheyili. Izinhlobo zebheyili
Zintathu izinhlobo zebheyili ezigunyazwa wumthetho. Ibheyili oyithola emaphoyiseni, ibheyili oyinikwa umshushisi nebheyili bail oyinikwa yinkantolo.
Ukuthi ubani onegunya lokukunika ibheyili kuncike kakhulu ohlobeni lwecala okusolwa ukuthi ulenzile.
Kunohlu oluchaza kabanzi ukuthi icala necala libucayi kangakanani bese lihlukaniswa ngokwezigaba.
Okufanele ukukhumbule wukuthi wonke amacala athethelwa phezulu nokuthi inkantolo iyona ewumphelandaba uma kunokuphikisana ukuthi icala libucayi kangakanani.
Izinto ezibhekwa inkantolo uma izovuma noma inqabe isicelo sebheyili
I-Criminal Procedure Act ngaphansi kwezigaba ezibalwe ngaphezulu ibeka izinto ezibhekwa yinkantolo. Inkontolo isuke ivule ithuba kumsolwa ukuthi akenze izethulo zokuthi kungani kuhambisana nobulungiswa ukuthi aphume ngebheyili.
Osolwayo uzezenzela yena noma kube wummeli wakhe uma ngabe isigaba secala siphansi, azenze ngencwadi efungelwe noma athule ubufakazi ngomlomo wakhe esebhokisini lofakazi uma isigaba secala siphezulu.
Inkantolo ilawulwa wumthemtho obheka ukuthi uma umsolwa ekhishwa ngebheyili uzobeka yina impilo yabantu jikele, eyommangali noma enze icala elingaphansi kwesigaba sokuqala yini na?
Umsolwa kufanele enze izethulo ezizokhombisa inkantolo ukuthi ubeziphethe kanjani ngaphambi kokuboshwa, ngabe ukunikwa ibheyili ngeke kubeke egcupheni impilo yabamangali, eyakhe uqobo kanye nomphakathi.
Ilapho indlela obuziphethe ngayo ngaphambi kokuboshwa ibaluleke khona. Ukuba namacala akulahla noma osawahamba kunganciphisa amathuba akho okuthi uthole ibheyili. Inkantolo ibuye ibheke ukuthi lisabalele kangakanani emphakathini icala okusolwa ukuthi ulenzile.
Izithulo kufanele ziveze ukuthi umndeni wakho ukuphi, izinto zakho ezenza ungahambi eNingizumi Afrika, ukuthi uyasebenza noma unamabhizinisi nanokuthi wondla bani. Lapho usuke ukhombisa ukuthi impilo yakho izinze kanganani eNingizimu Afrika nanokuthi ngeke ubaleke ngenxa yokubaluleka kwenzinto osuzisebenzele nosazengamele lapha eNingizimu Afrika.
Inkantolo ibuye ifune ukwazi ukuthi uphenyo likusiphi isigaba, ukuthi ofakazi uyabazi yini na nesiqiniseko sokuthi imibandela yebheyili engase ikhishwe yinkantolo uzoyigcina yini. Uma wake waboshwa ngabe waziphatha kanjani ukhishwe ngebheyili phambilini.
Indlela oboshwe ngayo nayo ibhekwa yinkantolo, ngabe uzamile ukubaleka noma ubambisene namaphoyisa ngesikhathi ekubopha.
Lokhu okubalwe ngaphezulu akuyona kuphela imibandela ebhekwa yinkantolo. Zonke izethulo ezenziwa ummangalelwa ziyacubungulwa. Okubalulelkile wukukhuluma iqiniso bese ufuna usizo lommeli. Ukhumbule uthola ithuba elilodwa nje vo lokwenza izethulo yiko kubalulekile ukuveza konke okuzokusiza uthole ibheyili.
Ummangali akasali ngaphandle kulolu hlelo, unelungelo eligcwele ukukhuluma ukuveza nokuzwakalisa imizwa yakhe kumshushisi. Unelungelo futhi lokuthatha ummeli okhokhelwayo ozobhekela ukuvikwelwa kwamalungelo akhe.
Okufanele sikukhumbule wukuthi ukuphuma ngebheyili akusho ukuthi icala osolwa ngalo seliphelile, noma utholwe ungenacala futhi akusho ukuthi ilungelo lakho lingaphezulu kwelommangali.
Uma ngabe uphume ngebheyili hlonipha imibandela onikwe yona. Ufike ngelanga onikezwe lona ngesikhathi uhamba enkantolo uphinde ufike uzilungiselele.
UZikalala ungummeli ozimele