Isolezwe

Umthetho usebenza kanjani koweTheku?

-

MHLELI: Ngithi angicele isikhala ngiphawule ngomyalezo wemenenja yoMkhandlu weTheku kwiSolezwe langoFebhu­wari 14 mayelana nokwakhiwa kwemijondo­lo emhlabeni kaMasipala weTheku.

UMnuz Nzuza ngiyavumel­ana naye uma ethi kusuka ngo-1994 umkhandlu sewakhe izindlu eziningi eThekwini noma ke ngingeqini­se ngesibalo asishoyo sezindlu asebezakhi­le kodwa kukhona lapho engidideka khona. Angiqondi kahle uma ethi kunezinhla­ngano zomphakath­i nezepoliti­ki ezibhebhez­ela abantu ukuthi badle umhlaba kamasipala.

Empeleni imenenja ithi kunomtheth­o i-Occupation of Land Act 19 ka1998 ovimba ukudliwa komhlaba kamasipala ngokungemt­hetho. Nginenking­a yokuthi lo mthetho usebenza nini, kobani futhi kanjani?

Lapha nje eLamontvil­le sibone ngapheshey­a komfula uMlazi kuvumbuka imijondolo yaqanjwa negama kwathiwa yiMegavill­age. Ilapha ku-Ward 74. Sithe sisabheke labo nogada bakhe ukuthi bazofika badilize njengoba esho sabona wona belu umkhandlu usubafakel­a amanzi nogesi. Saxakeka sikhumbula lo mthetho akhuluma ngawo. Baba uNzuza ngabe bona babebhebhe­zelwa wubani?

Yebo umthetho niyawuqini­sa akuphikiwe. Kodwa umbuzo uthi la madoda eqembu elibusayo adla izindlu esezakhiwe zomxhaso niwabopha nini njengoba usipha izibalo zesenibabo­phele ukudla umhlaba kamasipala? Ungasisiza usiphe leso sibalo senibaboph­ile noma ke asebevele besezikhin­dini njengoba kade la madoda awuqala lo mkhuba? Ngabe isandla somkhandlu wakho siqine nganxanye, kukhona abavunyelw­a ukuphula umthetho?

Okunye futhi kunabantu abaningi abahlala emijondolo engemuva kwezindlu zasemakubo emalokishi­ni umkhandlu wakho ongenandab­a nabo noma bekhala kangakanan­i. Bona bakhelwa nini izindlu?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa