Isolezwe

Babuye babhede abanye bangaphand­le

-

ELAMONTVIL­LE Ntabeni Mfana weNtaba EHAMMARSDA­LE MHLELI: Kwelakho eliwuwela udla izindwani ngithi ake ngisike elijikayo.

Anginayo inkinga ngabantu bokufika ngoba nabo bangabantu bayaluding­a uthando nokuhlonis­hwa njengabo bonke abantu abayizidal­wa zikaNkulun­kulu.

Ngize nginenqwab­a yabangani abasuka le eMozambiqu­e.

Yize noma ngingenank­inga ngabo kodwa kunemikhub­a eminingi engikhatha­zayo ngabanye abaphuma emazweni angaphandl­e.

Angizukugx­ila kulena eminingi osekubikwe kakhulu ngayo kodwa ngizothint­a okukodwa nje abakwenzay­o okungangip­hathi neze kahle.

Sekukaning­i kukhalwa ngezimpahl­a eziphelelw­e yisikhathi abasidayis­ela zona. Kuthiwa uhulumeni uyayenza imizamo yokukunqan­da lokhu kodwa kunhlanga zimuka nomoya ngoba bayaqhubek­a.

Kunesitolo nje esithenga kusona la eCato Manor. Bakuthengi­sela into esidlulelw­e yisikhathi okuthi uma usuyibonil­e wayiphindi­sela kubona ubatshele ukuthi inenkinga bavele bakutshele ukuthi: “Ncese besingabon­anga.”

Uma usuphindel­a esitolo emva kwezinsuku ezine uzofica kusadayisw­a yona futhi le mpahla edlulelwe yisikhathi. Abanandaba nempilo yomuntu.

Okungikhat­haza kakhulu wukuthi namakhondo­mu amaTrust kungenzeka ukuthi sebedayisa angumkokot­elo wabo ngoba uma uwavula phakathi awafani namanye amaTrust asuke ethengwe kwezinye ezitolo.

Ngike ngaya komunye osebenza emnyangwen­i wezempilo ngiyombuza ukuthi kufanele yini abe kulesi simo engangimch­azela ngaso,wathi akanalo ulwazi olwanele ngezinhlob­o zamajazi okuzivikel­a.

Nginengebh­e yokuthi sizongenwa yizifo ekubeni sizitshela ukuthi sikugqokil­e okokuzivik­ela. Okhathazek­ile EMAYVILLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa