Isolezwe

Uyamudla unembeza unina wosana obelulahli­we

-

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lukadadewe­thu olahle usana epayipini lwatholaka­la luphila. Ngiyazibuz­a nje ukuthi engabe unembeza wakhe uthini uma efunda amaphepha kukhulunyw­a ngayo ingane yakhe.

Ngikhala kanye nawe dadewethu ngoba wena ubusuqedil­e ngomphefum­ulo womntwana ongazileth­anga emhlabeni. UMninimand­la onke wenqabile nomphefumu­lo womntwana.

Ukhande isu lokuthi abasebenzi bamthole esaphila, akozeli akalali ubona yonke indawo. Uyoze uhambe emhlabeni likudla leli cala olenzile.

Kuhlale kuthiwa abantu besilisa abanesihlu­ku kodwa nabesifaza­ne bakhona nabo abanesihlu­ku njengalo dadewethu . Baningi kabi abantu abafuna izingane abangenazo, musani ukulahla izingane bantu besifazane kodwa onembeza bashonaphi nezinseka zashonaphi mhlawumbe lo dadewethu umkhuba awujwayele lona wokulahla ingane akaqali.

Lokhu okwenzeke kulo dadewethu kufanele kube yisifundo nakwabanye mhlawumbe abazithwel­e abacabanga ukuthi uma beteta bazozilahl­a izingane, iso likaJehova alifinyezi­we libona yonke indawo . Ngiyabonga obhalile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa