Abeneme ngomgomo kahulumeni
BAHLUKENE phakathi abahlali baseThekwini namaphethelo mayelana nesiphakamiso sokubhekwa kwezinkudla zokuxhumana ngaphambi kokuqashwa kuhulumeni.
Ngesonto eledlule uMqondisijikelele eMnyangweni weziSebenzi nokuPhatha, uSolwazi Richard Levin ukhiphe lomyalezo kwisekhula ewubhekise eminyangweni ehlukene kahulumeni. Isekhula ithi kuzophinde kubhekwe ubuzwe, umlando wokulahlwa amacala, izinto ezithinta imali neziqu zalowo osuke efake isicelo somsebenzi.
Abahlali bazwakalise imibono eyahlukene ngalesi siphakamiso.
UNksz Mbali Ndlovu (18) waseManzimtoti uthe akasiboni isidingo sokuthi uhulumeni abheke izinkudla zokuxhumana ngaphambi kokuqasha abantu.
“Okwenza ezinkundleni zokuxhumana impilo yakho yangasese futhi akuhlangene nomsebenzi wakho ngakho ukwenza lokho kuyobe kusho ukuthi uhulumeni uvundulula izimfihlo zabantu nokuyinto engalungile. Ngakho asikho isidingo sayo futhi nje angiyeseki,” kusho uNdlovu.
UMnuz Nkosingiphile Busuku (30) waseNanda uzwakalise ukunganeliseki ngalesi siphakamiso. “Impilo yomuntu yangasese ayihlangene nomsebenzi wakhe nohulumeni naye akahlangene nempilo yomuntu yangasese ngoba izinto ezishiwo nezenziwa abantu ezinkundleni zokuxhumana ezangasese futhi isikhathi esiningi abantu basuke bezijabulisa ngakho lesi siphakamiso singiphatha kabi kakhulu.
UMnuz Sabelo Mkhasibe (32) waseThekwini uthe akusiyo into enhle neze ukuthi kubhekwe izinkundla zokuxhumana ngaphambi kokuba kuqashwe. “Kunabantu abangena ezinkundleni zokuxhumana bengabheki ukuthi sebephuma endleleni noma sebephazamisa abanye abantu, ukubhekwa kwezinkundla zokuxhumana kusho ukuthi baningi abazolahlekelwa amathuba okuqashwa ngenxa yokuthi abantu abalawuleki ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uMkhasibe.
UNksz Ntombehle Khumalo (27) waseFolweni uthe akahambisani nalesi siphakamiso. “Imvamisa abantu basuke bezidlalela ngezinto abazifaka ezinkundleni zokuxhumana. Abanye basuke bezijabulele, kodwa leyo yimpilo yangasese futhi akumele ihlanganiswe nomsebenzi. Akuphusile ukubhekwa kwento oyifaka ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu bangayibuka ngendlela ehlukile kunale eyiyo.”
UMnuz Bongani Khumalo (44) waKwaMashu yena usincomile isiphakamiso. Uthe lokhu kungagwema izinkinga eziningi. “Wenza kahle uhulumeni abheke izinkudla zokuxhumana ngaphambi kokuthi aqashe ngoba kunabantu abaziphatha budedengu baphinde badelele nabanye abantu. Ngokubheka izinkundla zokuxhumana uhulumeni uzogwema ukuqasha amasela, abakhwabanisi nababandlululayo,” kusho uKhumalo.