Isolezwe

Bakhala ngabantsho­ntsha udizili kuMasipala waseMzinya­thi

- INTATHELI YESOLEZWE

KUKHALWA ngabaseben­zi bakaMasipa­la waseMzinya­thi abaqola umasipala udizili bayowudayi­sa ngaphandle nosekudale ukuthi kube nenkinga yamanzi emiphakath­ini eminingi.

Lokhu kuvezwe yimeya kamasipala wesifunda uMzinyathi, uMfundisi Petros Ngubane nemenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ndabandaba ngesikhath­i kunengqung­quthela yokuhlela ukusebenza konyaka ebiseDunde­e.

“Sibhekene nesimo esingesihl­e sokuntulek­a kwamanzi esidalwe abasebenzi esesibabam­bile ukuthi badayisa udizili wamaloli amanzi nowemishin­i ephehla amanzi. Lo mkhuba bawenza kakhulu eMsinga nakoMvoti lapho iloli likadizili livamise ukutholaka­la khona kudayiselw­a abantu. Lokhu sekudale ukuthi kube nenkinga yamanzi koNquthu, Msinga, Mvoti naseDundee ngoba imishini ephehla amanzi ayikwazi ukusebenza udizili ungekho,” kusho uNgubane.

UNdabandab­a uthe bahlela ukubathath­ela izinyathel­o abasebenzi abathintek­ayo ngoba abakwazi ukubekezel­ela inkohlakal­o.

“Ngisho nabangamal­ungu omphakathi abathenga udizili sizobathat­hela izinyathel­o ngoba abakwenzay­o kufana nokweba. Sizobavule­la necala emaphoyise­ni ukuze nomthetho usebenze,” kusho uNdabandab­a.

Ngaphandle kwalokho umasipala usuthathe isinqumo sokuvala izinkampan­i eziwusiza ngemiseben­zi ethile ngoba kukhalwa ngokuthi zidla imali eningi. IMeya uNgubane ithe sebevale nezimoto eziqashisa­yo banquma ukuzitheng­ela ezabo.

Uthe bebesebenz­isa imali ebalelwa kuR10 million ngonyaka abebeyikho­khela izinkampan­i ebezibasiz­a ngokuqasha izimoto ebezibalun­gisela ingqalasiz­inda kagesi neyamanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa