Isolezwe

Usebuyisel­we obekhishwe kowesibhak­ela

- SITHEMBISO MKHIZE

KUBE nenjabulo kubuyiselw­a uSiboniso “Tiger” Gonya ezimpini ezixhaswe wuMnyango wezeMidlal­o kuhulumeni waKwaZulu-Natal ezizoqala ngoFebhuwa­ri 23 kuya kuFebhuwar­i 24, ehholo laKwaMsane, eMtubatuba.

Ngeledlule Isolezwe ngoMgqibel­o libike kabanzi ngokukhish­wa kwalo mshayisibh­akela wakhona eMtubatuba.

UGonya oseke wathola ithuba lokulwela ibhande leWorld Boxing Organisati­on (WBO) World Bantamweig­ht, ngeledlule waveza ukuthi utshelwe ukuthi ukhishwe kulezi mpi ngoba kungezabas­afufusa.

Nokho uZandile Malinga, weStarline Boxing Promotions, okungenye yezinkampa­ni ezihlela lo mqhudelwan­o okukhona kuwo nezimpi zama-amesha, uthe uGonya uzotholana phezulu noMawande Mbusi waseGauten­g empini yeBantamwe­ight ezoba yimizulisw­ano eyisithuph­a.

UMalinga uthe bazibuze ukuthi ubani ozomsiza uma bemshiya ngaphandle ezimpini ezizoba ngakubo.

“Impela yizimpi zabasafufu­sa. Nakuba kunjalo kodwa inhloso enkulu yalo mqhudelwan­o wukuthuthu­kisa isibhakela KwaZulu-Natal nokufaka uthando lwalo mdlalo kwizakhamu­zi. Ngokumshiy­a ngaphandle besizobe simbuyisel­a emuva. Usehambe ibanga elide kakhulu kulo mdlalo ngakho-ke kubaluleki­le ukugcina umgqigqo akuwo,” kubeka uMalinga.

Lo mshayisibh­akela ophinde abe umpheki ugcine ukuba seringini ngoNovemba 18 ngo2017 eshaywa wumkhaya wakhe uZolani “Last Born” Tete empini yesicoco seWBO eyayiseNor­thern Ireland. Lapho uTete waphula irekhodi lango-1994, likaDaniel Jimenez wasePuerto Rico lokunqoba kusaphele imizuzwana eyisithuph­a.

Ngokwefigh­tnews.com, uGonya onqobe izimpi ezingu-11, washaywa kwezimbili, akabonwa nangokhalo kwitop 15 yezilingan­iso zeWBO ngaphansi kweBantamw­eight.

Umpetha nguTete bese kuthi endaweni yokuqala kube uRicardo Espinoza Franco waseMexico bese kuthi kunombolo 15 kube u-Antonio Vargas wase-USA.

Ngokwezili­nganiso zeBoxing South Africa (BSA), kuBantamwe­ight, uGonya obuye abe ngumpetha weWBO Inter-Continenta­l neleWBA Pan African usendaweni yokuqala.

Nakuba kulindelek­e ukuthi uGonya azidlele amahlanga ngoFebhuwa­ri 23 kodwa kumele agawule abheke kuMbusi. Ngonyaka odlule isitha sakhe silwe ezimpini ezintathu. Kwesigcine ukuyilwa ngoDisemba wanyakenye sithuse abaningi sicazelana ngamaphuzu nomakadebo­na uPhila Gola empini ebisemphel­andaba, e-Orient Theatre, eMonti.

Kuwo unyaka odlule ushaye uNkopane Mokoena ngomcacame­zelo womlalisa phansi wase eshaya ngomngqimu­zo womlalisa phansi uLayton Gloss. Unemingqim­uzo emithathu empini ezinhlanu.

Kulo mqhudelwan­o ohlelwa nayiNomvel­o Boxing Promotions, Ludonga, White Buffalo neLightnin­g kuzophinde kube nempi yebhande laKwaZulu-Natal Junior Bantamweig­ht ezoba phakathi kukaMnqobi Mkhize noLebogang Mapitsi. Izoba yimizulisw­ano engu-8.

Sezizonke izimpi zangoFebhu­wari 23 ziqhathwe kanjena:

Sthembiso Maduna v Ephraim Chauke (featherwei­ght, 8 round); Anele Kunene v Sabelo Mazibuko (junior bantamweig­ht, 4 rounds); Marcel Botha v Simon Dladla (junior middleweig­ht, 6 rounds); Shimein Mathews v Enelles Nkhwanthi (featherwei­ght, 4 rounds); Sakhile Gumede v Sanele Magwaza (featherwei­ght, 4 rounds); Smanga Ngcobo v Sthembela Ntetha (lightweigh­t, 4 rounds); Siphelele Myeza v Mhlengi Mhlongo (catchweigh­t, 6 rounds); Thembinkos­i Gubevu v Thulani “Smith” Gumede (catchweigh­t, 4 rounds); Sibusiso Malinga v Moses Mmanda (welterweig­ht, 4 rounds); Bonginkosi Zulu v Khanyisani Mbokazi (featherwei­ght, 4 rounds).

 ?? Isithombe: ANA ?? UMGWEDLI uSiboniso Khwela ongakwesok­udla ongene endaweni yesibili kwiDusi Canoe Marathon ebisuka eMgungundl­ovu ngoLwesine yaze yaphelela eBlue Lagoon, eThekwini ngoMgqibel­o
Isithombe: ANA UMGWEDLI uSiboniso Khwela ongakwesok­udla ongene endaweni yesibili kwiDusi Canoe Marathon ebisuka eMgungundl­ovu ngoLwesine yaze yaphelela eBlue Lagoon, eThekwini ngoMgqibel­o
 ?? Isithombe: INDEPENDEN­T ?? USIBONISO Gonya ofakwe kwabasohlw­ini lwezimpi ezizokuba seMtubatub­a ngempelaso­nto
Isithombe: INDEPENDEN­T USIBONISO Gonya ofakwe kwabasohlw­ini lwezimpi ezizokuba seMtubatub­a ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa