Isolezwe

Injabulo kowaMajita ngomphumel­a we-Afcon

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUFANISE nenhlanhla engandile ukubhekana kweqembu lakhe kabili neNigeria esikhathin­i esinganges­onto umqeqeshi weqembu laseNingiz­imu Afrika labafana abaneminya­ka engaphansi kwengu-20, uThabo Senong.

USenong ubeke iNingizimu Afrika endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations U/20 ephele izolo eNiger. Lokhu kutolikwa ngokuthi lo mqeqeshi nabafana bakhe sebebheke kweyeNdebe yoMhlaba ezokuba sePoland ngasekuphe­leni kukaMeyi.

AmaJita aqede endaweni yesithathu kulo mqhudelwan­o kulandela ukunqoba kwiNigeria sekukhahle­lwa amaphenath­i umdlalo kade uphele zibambene kungu 0-0.

“Kube yinhlanhla ukuthi sibhekane namazwe afana neNigeria neSenegal lapha ngoba lokhu kusicijela iNdebe yoMhlaba. Lawa amazwe aziwayo ukuthi ahamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o ngakho-ke ngineme kakhulu ukuthi sibhekane nawo kweyamaqoq­o,” kusho uSenong.

Womabili la mazwe ayizimbang­i kuzona zonke izigaba, aqale umdlalo esevele eyibekile indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoqala ngoMeyi 25 ePoland. ISenegal ikhiphe Amajita ebumnandin­i ngesikhath­i iwashaya ngo 1-0 sekusele imizuzu embalwa ukuthi uphele owandulela owamanqamu. ISenegal iwugijime neMali owamanqamu nayo ekhiphe iNigeria ngo 1-0 kowayo owandulela owamanqamu.

Yize ezishaya isifuba lo mqeqeshi ngokuthi weneme ngendlela abenze ngayo nangokuqal­a ngokushesh­a kwamalungi­selelo eNdebe yoMhlaba, kodwa iqiniso wukuthi leli qembu alizange lidlale ibhola elincomeka­yo lapha. Mabili kuphela amagoli ashaywe Amajita emidlalwen­i emine okuyisibal­o esiphansi kakhulu. Amagoli ashaywe kukade kuyikhona elinye kuyi-freekick.

Leli qembu belibunjwe kakhulu ngabadlali basemuva okungathi bekuhloswe ukuvimba okufakazel­wa ukungangen­elwa goli kwalo ngaphandle komdlalo weSenegal (kweyomkhum­ulajezi).

Ngalokhu uSenong uzithethel­ela ngokuthi iqembu linezinto eziningi ebelifuna ukuzilungi­sa ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba.

“Amaphutha akhona kodwa siyawalung­isa. Sisizakale kakhulu kulo mqhudelwan­o ngokubona lapho kufanele sikhuphule khona amasokisi. Ngizishya isifuba ngabafana. Ngikholwa wukuthi badlale ibhola elihle. Kusafanele siqinise uma siya phambili kodwa ngikholwa wukuthi sizokulung­isa konke lokho,” kusho uSenong.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weqembu aMajita uThabo Senong ojabule ngempumele­lo yeqembu lakhe kwi-Afcon ebiseNiger ephele ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weqembu aMajita uThabo Senong ojabule ngempumele­lo yeqembu lakhe kwi-Afcon ebiseNiger ephele ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa