Isolezwe

ICell C Sharks izigwazele ibhece kwiSunwolv­es

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ICELL C Sharks iyiqale ngenothi eliphezulu isizini yayo entsha yeVodacom Super Rugby ngesikhath­i inqoba ngo 45-10 kwiSunwolv­es ngoMgqibel­o emini eSingapore.

Ngendlela iSharks enqobe ngayo izitholele iphuzu lombhanso ngoba ishaye ama-try ayisithuph­a .

Ukuqala ngale ndlela kwe-Sharks nokugcwala kwayo ukuzethemb­a isaya emdlalweni kunike ithemba abalandeli bayo.

Okwenze lokhu kwaqaphele­ka wukuthi bese kufana nesiko ukuthi iSharks iqale ngebatha njengoba bekulokhu kwenzeka kumasizini ambalwa edlule.

Ukuqala ngendlela enomfutho njengoba kwenzekile ngoMgqibel­o kuwubufaka­zi bokuthi iSharks yenze kahle kule sizini ngokuqoma ukubhekana namaqembu anzima kuyona njengeVoda­com Bulls ne-Emirates Lions kweyokuziq­eqeshela ukuqala kwesizini entsha.

Lapha iSharks ibibukeka sengathi iwulungele lo mdlalo. Lokhu bekuphamba­na neSunwolve­s yona kwesinye isikhahti ebibuye ikuveze ukuthi izingqondo zabadlali abathile zisesemaho­lidini. Ngisho sekubonaka­la ukuthi iSharks iwuphethe umdlalo kodwa abafana bakaRobert du Preez baqhubekil­e nokucindez­ela okuyinto engaba wusizo uma sekushaywa izibalo ngokwamaph­uzu.

Iyona eweqe kuqala umugqa iSunwolves kodwa kuthe kungenzeka lokho zaqala ezikaDu Preez zaqinisa isandla. Itry yokuqala yeSunwolve­s ishaywe uShane Gates ongowokuza­lwa eNingizimu Afrika.

Iqembu laseJapan bese lihamba phambili ngo 7-3 umdlalo unemizuzu eyisikhomb­isa uqalile. Kuthusile kwabeShark­s ukuqala kweSunwolv­es kodwa iqembu laseThekwi­ni lithe lingaqala ukufudumal­a lase liwuthwala umdlalo. Kuke kwaba wu 10-3 ngaso isiwombe sokuqala kwaze kwathembis­a eqenjini lasekhaya kodwa zaphinde zajika izinto.

Eminyakeni edlule uma iSharks ithuswa kanje ibivamise ukukwamuke­la lokho kodwa kwehlukile okwenzeke ngoMgqibel­o ngoba abadlali bahlangane phakathi enkundleni bakhuluma bebodwa zaqala zagqashuka izibopho, kwavela ama-try asheshayo futhi amahle eqhamuko noMakazole Mapimpi noSbu Nkosi. Komunye umdlalo obuhlangan­isa amaqembu akuleli iBulls inenebule iDHL Stormers ngo 40-3 emdlalweni obuphethwe yiqembu lasekhaya zisuka kwaze kwaba uyaphela. ILions engelinye lamathemba eNingizimu Afrika iqale kahle ekuhambeni inqoba ngo 25-16 kwiJaguare­s e-Argentina.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yokuqala yeVodacom Super Rugby ihambe kanje:

Jaguares 16-25 Lions; Bulls 40-3 Stormers; Sunwolves 10-45 Sharks; Waratahs 19-20 Hurricanes; Blues 22-24 Crusaders.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa