Usebuyiselwe obekhishwe kowesibhakela
KUBE nenjabulo kubuyiselwa uSiboniso “Tiger” Gonya ezimpini ezixhaswe wuMnyango wezeMidlalo kuhulumeni waKwaZulu-Natal ezizoqala ngoFebhuwari 23 kuya kuFebhuwari 24, ehholo laKwaMsane, eMtubatuba.
Ngeledlule Isolezwe ngoMgqibelo libike kabanzi ngokukhishwa kwalo mshayisibhakela wakhona eMtubatuba.
UGonya oseke wathola ithuba lokulwela ibhande leWorld Boxing Organisation (WBO) World Bantamweight, ngeledlule waveza ukuthi utshelwe ukuthi ukhishwe kulezi mpi ngoba kungezabasafufusa.
Nokho uZandile Malinga, weStarline Boxing Promotions, okungenye yezinkampani ezihlela lo mqhudelwano okukhona kuwo nezimpi zama-amesha, uthe uGonya uzotholana phezulu noMawande Mbusi waseGauteng empini yeBantamweight ezoba yimizuliswano eyisithupha.
UMalinga uthe bazibuze ukuthi ubani ozomsiza uma bemshiya ngaphandle ezimpini ezizoba ngakubo.
“Impela yizimpi zabasafufusa. Nakuba kunjalo kodwa inhloso enkulu yalo mqhudelwano wukuthuthukisa isibhakela KwaZulu-Natal nokufaka uthando lwalo mdlalo kwizakhamuzi. Ngokumshiya ngaphandle besizobe simbuyisela emuva. Usehambe ibanga elide kakhulu kulo mdlalo ngakho-ke kubalulekile ukugcina umgqigqo akuwo,” kubeka uMalinga.
Lo mshayisibhakela ophinde abe umpheki ugcine ukuba seringini ngoNovemba 18 ngo2017 eshaywa wumkhaya wakhe uZolani “Last Born” Tete empini yesicoco seWBO eyayiseNorthern Ireland. Lapho uTete waphula irekhodi lango-1994, likaDaniel Jimenez wasePuerto Rico lokunqoba kusaphele imizuzwana eyisithupha.
Ngokwefightnews.com, uGonya onqobe izimpi ezingu-11, washaywa kwezimbili, akabonwa nangokhalo kwitop 15 yezilinganiso zeWBO ngaphansi kweBantamweight.
Umpetha nguTete bese kuthi endaweni yokuqala kube uRicardo Espinoza Franco waseMexico bese kuthi kunombolo 15 kube u-Antonio Vargas wase-USA.
Ngokwezilinganiso zeBoxing South Africa (BSA), kuBantamweight, uGonya obuye abe ngumpetha weWBO Inter-Continental neleWBA Pan African usendaweni yokuqala.
Nakuba kulindeleke ukuthi uGonya azidlele amahlanga ngoFebhuwari 23 kodwa kumele agawule abheke kuMbusi. Ngonyaka odlule isitha sakhe silwe ezimpini ezintathu. Kwesigcine ukuyilwa ngoDisemba wanyakenye sithuse abaningi sicazelana ngamaphuzu nomakadebona uPhila Gola empini ebisemphelandaba, e-Orient Theatre, eMonti.
Kuwo unyaka odlule ushaye uNkopane Mokoena ngomcacamezelo womlalisa phansi wase eshaya ngomngqimuzo womlalisa phansi uLayton Gloss. Unemingqimuzo emithathu empini ezinhlanu.
Kulo mqhudelwano ohlelwa nayiNomvelo Boxing Promotions, Ludonga, White Buffalo neLightning kuzophinde kube nempi yebhande laKwaZulu-Natal Junior Bantamweight ezoba phakathi kukaMnqobi Mkhize noLebogang Mapitsi. Izoba yimizuliswano engu-8.
Sezizonke izimpi zangoFebhuwari 23 ziqhathwe kanjena:
Sthembiso Maduna v Ephraim Chauke (featherweight, 8 round); Anele Kunene v Sabelo Mazibuko (junior bantamweight, 4 rounds); Marcel Botha v Simon Dladla (junior middleweight, 6 rounds); Shimein Mathews v Enelles Nkhwanthi (featherweight, 4 rounds); Sakhile Gumede v Sanele Magwaza (featherweight, 4 rounds); Smanga Ngcobo v Sthembela Ntetha (lightweight, 4 rounds); Siphelele Myeza v Mhlengi Mhlongo (catchweight, 6 rounds); Thembinkosi Gubevu v Thulani “Smith” Gumede (catchweight, 4 rounds); Sibusiso Malinga v Moses Mmanda (welterweight, 4 rounds); Bonginkosi Zulu v Khanyisani Mbokazi (featherweight, 4 rounds).