Isolezwe

Ubaphonsel­e inselelo ababekwiBa­nyana

-

esibikwe yileli phephandan­a emasontwen­i adlule ngoVeronic­a “Bhudu” Phewa osebamba amatoho ezitolo. UPhewa, odlale naphesheya kwezilwand­le, ubeyibambe nabadlali okukhona osengumqeq­eshi weqembu lesizwe iBanyana uDesiree Ellis osanda kulifaka koweNdebe yoMhlaba okokuqala emlandweni.

“Ngicabanga ukuthi inhlangano eyengamele ibhola kufanele ibanike amathuba ababengaba­dlali uma sekuphele isikhathi sabo. Kodwa futhi asikwazi ukulindela ukufunzwa. Kusemahlom­be ethu ukwenza isiqinisek­o sokuthi siyaziveza, sithole ulwazi ezintweni esizifunay­o,” kusho uDlamini.

“Ngifuna ukuba ngumhlaziy­i ophambili, kufanele ngiye e-Amsterdam, Barcelona naseMan City ngiyobona ukuthi khona benzani. Uma ngingakhul­umi ngento engifuna ukuyenza, akekho ozongisiza. Akukuhle ukuthi uVeronica uzithola ekulesi simo. Kodwa ke yithina esihamba phambili, asikwazi ukuba lapho sodwa. Kufanele sibathathe sihambe nabo. Yileyo inselelo engibheken­e nayo yokwenza izinto zibe ngcono kuwona wonke umuntu.”

UDlamini uhola umkhankaso weCastle Africa 5s ohlangothi­ni lwabesifaz­ane. Abesibhuda bahlangani­sa amaqembu ngabahlanu emazweni ayisishiya­galombili e-Afrika.

Ngaphandle kukaModise no-Ellis abaqeqesha­yo, kukhona uSimphiwe Dludlu osengumqeq­eshi weqembu labesifaza­ne lika-Under 20 eselibuya kweyeNdebe yoMhlaba. Indaba enkulu ebhekwe kwiSafa nonyaka ukuqalwa kweligi yabesifaza­ne okungakaca­ci kahle ngayo. Le nhlangano isanda kumemezela ukuthi isibatholi­le abaxhasi.

“Asithembe ukuthi izoqala nonyaka. Asikwazi ukuyichaza eyokuthi iBanyana iyodlala koweNdebe yoMhlaba kodwa asinayo iligi. Kuyaphoxa nje lokho kukodwa. Ngicabanga ukuthi uma isiqala kuzobe sekuyisikh­athi esifanele,” kusho uDlamini.

 ??  ?? AMANDA DLAMINI
AMANDA DLAMINI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa