Injabulo kowaMajita ngomphumela we-Afcon
UKUFANISE nenhlanhla engandile ukubhekana kweqembu lakhe kabili neNigeria esikhathini esingangesonto umqeqeshi weqembu laseNingizimu Afrika labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-20, uThabo Senong.
USenong ubeke iNingizimu Afrika endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations U/20 ephele izolo eNiger. Lokhu kutolikwa ngokuthi lo mqeqeshi nabafana bakhe sebebheke kweyeNdebe yoMhlaba ezokuba sePoland ngasekupheleni kukaMeyi.
AmaJita aqede endaweni yesithathu kulo mqhudelwano kulandela ukunqoba kwiNigeria sekukhahlelwa amaphenathi umdlalo kade uphele zibambene kungu 0-0.
“Kube yinhlanhla ukuthi sibhekane namazwe afana neNigeria neSenegal lapha ngoba lokhu kusicijela iNdebe yoMhlaba. Lawa amazwe aziwayo ukuthi ahamba ibanga elide kulo mqhudelwano ngakho-ke ngineme kakhulu ukuthi sibhekane nawo kweyamaqoqo,” kusho uSenong.
Womabili la mazwe ayizimbangi kuzona zonke izigaba, aqale umdlalo esevele eyibekile indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoqala ngoMeyi 25 ePoland. ISenegal ikhiphe Amajita ebumnandini ngesikhathi iwashaya ngo 1-0 sekusele imizuzu embalwa ukuthi uphele owandulela owamanqamu. ISenegal iwugijime neMali owamanqamu nayo ekhiphe iNigeria ngo 1-0 kowayo owandulela owamanqamu.
Yize ezishaya isifuba lo mqeqeshi ngokuthi weneme ngendlela abenze ngayo nangokuqala ngokushesha kwamalungiselelo eNdebe yoMhlaba, kodwa iqiniso wukuthi leli qembu alizange lidlale ibhola elincomekayo lapha. Mabili kuphela amagoli ashaywe Amajita emidlalweni emine okuyisibalo esiphansi kakhulu. Amagoli ashaywe kukade kuyikhona elinye kuyi-freekick.
Leli qembu belibunjwe kakhulu ngabadlali basemuva okungathi bekuhloswe ukuvimba okufakazelwa ukungangenelwa goli kwalo ngaphandle komdlalo weSenegal (kweyomkhumulajezi).
Ngalokhu uSenong uzithethelela ngokuthi iqembu linezinto eziningi ebelifuna ukuzilungisa ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba.
“Amaphutha akhona kodwa siyawalungisa. Sisizakale kakhulu kulo mqhudelwano ngokubona lapho kufanele sikhuphule khona amasokisi. Ngizishya isifuba ngabafana. Ngikholwa wukuthi badlale ibhola elihle. Kusafanele siqinise uma siya phambili kodwa ngikholwa wukuthi sizokulungisa konke lokho,” kusho uSenong.