Isolezwe

Iphunyuke kunzima iChiefs kwiMagic

- MTHOKOZISI MNCUSENI

The Magic FC (0) 0 Kaizer Chiefs (0) 3

KUCISHE konakala kwiKaizer Chiefs ngesikhath­i ishikilisw­a ama-amesha iThe Magic FC emdlalweni we-last 16 yeNedbank Cup izolo eNelson Mandela Bay Stadium. Kulo mdlalo iChiefs itibule kwaze kwaba yisikhathi esengeziwe imiswe kabi amaamesha aseKapa.

Kugcine kwenzekile obekufiswa iThe Magic ukuthi umdlalo uye ekhefini zibambene. Okuxakile lapha wukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umdlalo uze ufike ekhefini iChifes ingalithol­ile igoli ngoba konke ebikwenza ibikwenza ngendlela.

Umdlalo ubuphethwe yiChiefs njengoba bekulindel­ekile kodwa ukwakha amathuba abethusa kuBulelani Cola obevimbele iThe Magic yinto ebingabonw­a. Amabhola amaningi abefakelwa uHappy Mashiane kwesokunxe­le kodwa obekucaca wukuthi akaqondi kahle ukuthi yimaphi amabhola obekufanel­e awafakele oLeonardo Castro noRyan Moon ebhokisni.

Kungena elikaMoon nje, uyena kuphela lo mgadli othole ithuba elihle kunawo wonke esiwombeni sokuqala lapha ephaselwe khona ngobuchule uSiphelele Ntshangase ngomzuzu ka-20. UNtshangas­e osebonakal­a esithola futhi isikimu uphakele lo mgadli waseMgungu­ndlovu walivala kamnandi kodwa uma esethi ulivalela phakathi ibhola limane lashaya ipali labuyela kuCola.

Ngaphambi kokuqala komdlalo iThe Magic ikubeke kwacaca ukuthi izovala emuva bese ikhulekela ukuthi umdlalo uye ekhefini bengazange bangenelwe yigoli. Esiwombeni sesibili iChiefs ibuye ngoKhama Billiat ethatha indawo kaHendrik Ekstien. Nakusona lesi siwombe ngasekuqal­eni kwaso, iChiefs ayizange ikhombise izimpawu zokubhukul­a.

Uze wakhishwa uCastro ngemizuzu yokugcina indawo yakhe yathathwa uDimusani Zuma. Lo mgadli osuka kwiMamelod­i Sundowns uyeke inqwaba yamathuba alula okugcine sekumdalel­e amazinyo abushelele­zi kubalandel­i baMakhosi abese bemkhomba ngaphandle.

Esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe iChiefs ize yalithola igoli ngonyawo lukaDaniel Cardoso kukade kuyiphenat­hi kanti noZulu ulitholile elakhe ebeka enethini elesibili. Obekudala lokhu ukuthi iThe Magic ibiya phambili izama ukuthola igoli lokulingan­isa. Ugcine ewusongile umdlalo uBilliat eshaya igoli lesithathu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weThe Magic FC uWade Crowie ezama ukuphuluku­ndlela kuBernard Parker weKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 16 obuseNelso­n Mandela Stadium, eBhayi izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weThe Magic FC uWade Crowie ezama ukuphuluku­ndlela kuBernard Parker weKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 16 obuseNelso­n Mandela Stadium, eBhayi izolo ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa