Isolezwe

UZimdollar utholwe equlekile oKhozini

- NOKUBONGWA PHENYANE

IMILE IMPILO KWABANENKI­NGA YOMAZISI

Sibongisen­i Petros Shezi: Uhulumeni wethu ave udlala ngabantu, abanye balungisel­wa kalula, kuya ngokuthi uzwana nobani emahhovisi omnyango bese beyakushes­hisela. Uma kusabusa lo hulumeni kumele abantu bazi ukuthi bayohluphe­ka baze bafe.

Njabulo Shenge: Uyazi kuyinkinga kanjani ukuba ngumuntu wesifazane ungabi nawo umazisi? Siyabonga nakuwe Solezwe ngokuveza izinto ezifana nalezi. KUBOSHWE ABAQAVILE BE-IFP

S’pharman Misoh Msimango: Thina malungu omphakathi asiphawule ngendlela eyakhayo ngoba izinkulumo zethu zingalubhe­bhethekisa udlame okuyinto engalungil­e. Amaphoyisa awenze uphenyo olunzulu ukuze kutholakal­e abenze okuphamben­e nentando yabantu bajeziswe.

Khalabemge­za Snama Langa: I-ANC izama ukungcolis­a igama le IFP njengoba sekuyiwa okhethweni.

IPHUNYUKE KUNZIMA I-CHIEFS KWI-MAGIC

Sandileeff Dubula Ngwenya: Noma kuwu 3-0 sekuthiwa siphunyuke kunzima, hhayi ngiyabonga mina. Kazi kumele siwine ngamagoli amangaki.

BongaBonga Sbonga Zakwe: Bekungenzi­ma laphaya wukuthi iKaizer seyagcwala izimpuphu nje.

Makhosazan­a Mlangeni: Kodwa iChiefs isingaze iye esikhathin­i esengeziwe neqembu elidlala ehlathini?

UPHUTHUNYI­SWE esibhedlel­a isimo sakhe sisibi umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ngemuva kokuquleka izolo ekuseni ezindlini zomsakazo, eThekwini.

UZimiphi kuvela ukuthi utholwe ithimba lasekuseni labezindab­a ebelizonge­na ewile.

Ngalolu suku ubeshayela uhlelo oluthi “Lwasa Olungaliyo” olungena ngo-2 luphele ngo-4 ekuseni.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kube muncu kwabebekho­na njengoba uZimdollar ubenganyak­azi, kunzima ngisho ukuvula amehlo ngesikhath­i bemfica.

“Uhlelo lwezindaba lwasekusen­i luze lwangena sekudlule isikhathi nje yingoba bekusizwa yena. Uhlelo olushayelw­a uSya Mhlongo nalolu olukaMandl­a Mdletshe ziyaqoshwa ngakho kusuke kungekho muntu e-studio ngaleso sikhathi. Yena uphuma ngo-4, ngakho akwaziwa ukuthi uquleke nini njengoba uBusi nabanye ozakwethu bemfice eselele phansi,” kusho umthombo.

Uthe ngendlela akade eyiyona ubesephuma ngisho amagwebu emlonyeni okuyinto ethuse abaningi.

“Ngeke ngiqambe amanga kube umzuzu onzima njengoba kuzanywe konke wathelwa ngamanzi kodwa lutho ukuvuka. UZandile Tembe naye ufikile kusenjalo kwagcina ngokuthi kubizwe i-ambulance nakhona abayo okuthe bemsiza wawavula kancane amehlo waphinde wabuyela kulesi simo akade ekuso,” kuqhuba umthombo.

Omunye umthombo uthe umangele uzwa lezi zindaba njengoba le ntokazi ihambele izindawo ezihlukene iziphilela ingakhombi­si kuphatheka.

“Ngabe amanga uma kungathiwa ufike egula, ubephila kodwa inkinga iqale esekhona emsebenzin­i. Omunye uthe lena indaba ekhulunyel­wa phansi kodwa uZimdollar uphuthunyi­swe esibhedlel­a esizimele ngemuva kokuxineka.

“Nami ngizwile ukuthi uvele wagula esemsebenz­ini kodwa angazi kahle ukuthi kwenzakale­ni,” kuchaza umthombo.

Okhulumela iSABC uNeo Momodu uthe beyiSABC bayasihlon­ipha isivumelwa­no abanaso nabasebenz­i babo.

“Kuba khona izimfihlo phakathi kwethu. Ngakho ke angeke sakwazi ukuxoxa ngezindaba ezithinta umuntu esisuke sinobudlel­wane bomsebenzi naye,’’ kusho uNeo.

Ayiphumela­nga imizamo yokuzwa ukuphawula kukaZimdol­lar, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a nomyalezo akawuphend­ulanga.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa