Isolezwe

Kufe abathathu kuwa udonga

-

KUSHONE elayizolo kukholakal­a ukuthi kufe abantu abathathu abasebenza enkampanin­i yokwakha ngesikhath­i udonga luwela kubo.

Ekhuluma nesinye seziteshi zethelevis­hini, okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZuluNat­al, uMnuz Robert Mckenzie, uthe ingozi yenzeke eSipingo Beach. Ngaphandle kwabafile kulimale omunye umsebenzi kanzima waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

“Udonga oludilikil­e beluseduze kwalapho besebenzel­a khona. Umsebenzi olimale kanzima uphuthunyi­swe esibhedlel­a esiseduze. Okunye ngeke ngakuqinis­ekisa,” kusho uMckenzie.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZuluNa­tal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kufe abantu abathathu kwalimala oyedwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa