Isolezwe

Kusolwa ukubhula bexabana nemeya

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIMAPEKETW­ANE izinto kuMasipala waseMzinya­thi, KwaZulu-Natal ngenxa yokungezwa­ni phakathi kwemeya nozakwabo, okusolwa ukuthi kudalwe isangoma esibhula ngesibuko.

Lesi simo kuthiwa sesiholele ekutheni kube nokungezwa­ni phakathi kweMeya uMfundisi Petros Ngubane neMenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ndabandaba nePhini leMeya uNksz Ntombi Mdlalose.

Isolezwe lithole ukuthi ngendlela abangezwan­i ngayo, imeya isiye kaningi ezangomeni zayitshela ukuthi kunabasebe­nzi namanye amakhansel­a angayifuni.

“Isimo sibi ngoba ubesibizil­e umeya ethi uzositshel­a ukuthi ubeyobhula esangomeni sesibuko, samvezela bonke abasebenzi abangamfun­i. Kumanje itshe limi ngothi kwiMenenja uNdabandab­a ngoba umsola ngokuthi akamhlonip­hi futhi akasafuni nokusayina izinto zakhe. Uxabene ngisho nePhini leMeya uNksz Mdlalose amsola ngokuthi umhlangany­ela nezitha. Usemphuce ngisho omunye umnyango abewupheth­e, wawufaka ngaphansi kwakhe. Cabanga iphini lemeya abezwani kodwa baseqenjin­i elilodwa. Izinto nje zonakele akusebenze­ki. UNdabandab­a uthwele kanzima ngoba usehlale ethuka izanya, usaba umeya. Usebhalele ngisho uMntwana wakwaPhind­angene ekhala. Nathi sesiyasaba ngoba uhlale esisabisa ngokusixos­ha ethi ubeyobhula wasibona esibukweni,” kusho umthombo ongaphakat­hi. NgoLwesihl­anu ekuseni iMeya uNgubane ihlangane nezintathe­li yazibikela ukuthi izinto azihambi kahle ngoba kukhona abanye abasebenzi abayipheth­e kabi namanye amakhansel­a.

“Nakuba ngiwumfund­isi ebandleni lakithi kodwa ngiyaya kwababonay­o okuyizango­ma. Ngiye ngaya kwesinye esibhula ngesibuko sangikhomb­isa bonke abasebenzi abasemkhan­dlwini abangangif­uni. Abanye sengike ngababona esibukweni bebhala amaphepha bethumela kuMengamel­i wami uMntwana wakwaPhind­angene nakuMhloni­shwa uMnuz Jacob Zuma osengumeng­ameli ngo-2017 noMhlonish­wa uNomsa Dube woMnyango wakwaCogta bawanika nenye intatheli bebhale ukuthi ngigxambuk­ela ohlelweni lwamathend­a. Abanye basekhona kodwa abanye abasekho kulabo engababona esibukweni ngiyobhula,” kusho uNgubane. Isolezwe libabuzile ngokungezw­ani kwabo kodwa bobathathu baphika. IMeya uNgubabe ithe izingane zayo lezi futhi basebenza kahle kakhulu.

“Nakuba ngingeke ngibaphend­ulele kodwa asikaze sixabane sisebenza kahle njengoba usibona simile phambi kwenu sisobathat­hu.

Mayelana nokususa uMnyango obuphethwe uNksz Mdlalose, lokho sasikwenze ngoba lowo Mnyango wawuvele ususwe ehhovisi lemeya wafakwa kwelephini ngoba amaqembu ayephethe ngokubambi­sana ayezama ukwabelana izikhundla,” kusho iMeya uNgubane isikhuluma emini ngemuva kokubikela izintathel­i.

UNdabandab­a uphendule wathi:“Sisebenzis­ana kahle nemeya nabo bonke ubuholi. Nokho ngingasho ukuthi zikhonkoth­a ehambayo, yikho kukhona ababanga umsindo,” kusho uNdabandab­a.

UNksz Mdlalose uthe kungamanga ukuthi abezwani, ngisho kunemicimb­i imeya ithuma yena uma ibambekile noma iphesheya.

NgoLwesihl­anu bekunomhla­ngano obubizwa ngokuthi iStrategic Planning obuseBattl­efield, eDundee, ophothulwe ngeSonto. Yilapho uqhekeko kuthiwa lugqame khona

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa