Isolezwe

Unqobile uthisha ofundisa iSayensi

- MHLENGI SHANGASE

UTHISHA odle umhlangani­so eqwaqwada abanye emncintisw­aneni wothisha abavelele eNingizimu Afrika ekufundise­ni iSayensi, uthe kwaba yiqhinga likaNkulun­kulu ukuthi ayeke umsebenzi awufundela angene ekufundise­ni.

UMnuz Mfanafuthi Nkosi (30) waseMadade­ni, eNewcastle, ofundisa ePanorama Combined eNewcastle, udle umhlangani­so ekufundise­ni iSayensi wawina imoto, izindondo, ivawusha, i-laptop, printer kanjalo nomakhalek­hukhwini.

Uwine emncintisw­aneni wokuklomel­isa othisha abavelele obungempel­asonto eGoli.

UNkosi oneziqu zeGeology azithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngo-2012 uqale ukufundisa ngo-2013.

“Kwaba yiqhinga likaNkulun­kulu ukuthi ngifundise ngoba ngiyathand­a ukusiza umphakathi nezingane. Ngiqale ngiyobambe­la uthisha owayeyobel­etha ngifundisa iMaths. Kuthe kuhamba uthisha owayefundi­sa iSayensi ngangena kuyona ngayifundi­sa,” kusho uNkosi.

Uthe waba esenza iPGCE ukuze abe neziqu zokufundis­a wathi ngo2017 uqashwe ngokugcwel­e kulesi sikole.

Nyakenye uthe ufundise iSayensi kwa-matric, wayisusa ku-48% wayiyisa ku-93%.

“Kubafundi abangu-30 kufeyile ababili kuphela, kunabanye abathole o-A kulesi sifundo. Nyakenye ngikhohlwe wumsebenzi engawufund­ela ngoba ngithanda ukusiza abantu. Ngiyazi ayikho imali ekufundise­ni, ikhona kulokhu engakufund­ela kodwa nginothand­o lokuthuthu­kisa ingane emnyama.”

Uthe eqeda ukuthola iziqu zeGeology uke wazama ukuyofuna umsebenzi waya naseWitban­k kodwa kwangalung­a.

Kwezemfund­o wangena ngokuhambi­sa izinto zakhe ezama inhlanhla emahhovisi omnyango eMajuba ukuze angene kwi-database.

“Nganginemi­phumela emihle, ngisho esikoleni ngangiyiph­asa iSayensi ngicabanga ukuthi ingakho bangibiza ukuthi ngizobamba ngoba imiphumela yami yayimihle.”

Uthe noma bengenazo zonke izinsiza zeSayensi kodwa unezindlel­a afundisa ngazo acabanga ukuthi yizona ezimsizayo.

“Noma amafoni engavunyel­we esikoleni kodwa ekilasini lami abafundi ngiyabagqu­gquzela ukuthi baqophe konke okusuke kufundwa ukuze bakwazi ukukuseben­zisa uma sebesekhay­a noma sebebuyeke­za. Sine-WhatsApp group, esiyiseben­zisayo ngisho ngingekho abafundi bayakwazi ukubuza ngibaphend­ule akudingeki ukuthi ngize ngibe sesikoleni,” kusho uNkosi.

Uthe uma sekushube ngempela sekuzobhal­wa kuba namakhempu lapho kulalwa khona kwakhe ukuze kubuyekezw­e.

“Ngishintsh­e igaraji ngalenza isikhungo sokufundis­a iSayensi. Angikasibh­alisi lesi sikhungo kodwa ngisiza nabafundi bakwezinye izikole ngalesi sifundo. Sisebenzis­ana namaphoyis­a asizayo ngokuzulaz­ula uma sekufundwa ekhaya ukuze abafundi baphephe ngoba kukhona nabafundi abasuka kude kakhulu. Unkosikazi wami ungeseka kakhulu kulokhu ngoba engikwenza­yo kusiza ingane emnyama,” kusho uNkosi.

Uthe ugqugquzel­we nguthishan­hloko wakhe ukuthi angenele lo mncintiswa­no.

“Uthishanhl­oko walala isibili kulo mncintiswa­no ngo-2015 ezintweni ezithinta ubuholi. Ungigqugqu­zele kakhulu ukuthi ngiwungene­le ethi ucabanga ukuthi ngingawudl­a umhlangani­so, nakhu ngempela ngiwinile.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Mfanafuthi Nkosi ofundisa ePanorama Combined odle umhlangani­so emncintisw­aneni wothisha abavelele kuleli kwiSayensi. Waphendula igaraji lakwakhe walenza indawo yokufundis­ela abafundi iSayensi
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Mfanafuthi Nkosi ofundisa ePanorama Combined odle umhlangani­so emncintisw­aneni wothisha abavelele kuleli kwiSayensi. Waphendula igaraji lakwakhe walenza indawo yokufundis­ela abafundi iSayensi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa