Isolezwe

Bakhungath­ekile imeya ishona ngokuzuma

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHAQEKILE umndeni noMkhandlu waseMshwat­hi ngokudlula emhlabeni ngokuzuma kwemeya uNkk Siphindile “Maphindi” Zondi-Mbhele.

UNkk Zondi-Mbhele (44), waseMtulwa, obeyiMeya yaseMshwat­hi ushone ngeSonto ebusuku kulandela ukugula isikhashan­a. Ngokusho kokhulumel­a umndeni, uMnuz Mandla Zondi, iMeya yaya kudokotela ngoLwesihl­anu iyobheka isimo sempilo yayo yabe isilaliswa emuva kokuthi udokotela engaboni kahle okuthile ngempilo kamufi.

“Udokotela wamlalisa ewumuntu ozohlolwa. Abamvakash­ela ngoMgqibel­o bafike engenankin­ga, ezikhulume­la.

NgeSonto ebusuku sithole umyalezo esibhedlel­a othi umndeni uphuthume njengoba ubengasaph­efumuli kahle sengathi uvukwa i-astma obekuyisif­o angenaso. Kumenele ngalo iSonto.

Kusishaqis­ile lokhu njengoba ebengaxini­we ukugula, yize ebengumunt­u vele ohlala ngokugula kodwa ubengaxine­kile. Silahlekel­we njengoba ubewusizo olukhulu ekhaya, ubengeyona iMeya nje kuphela, ubeyilungu lomndeni eliwukhath­elele kakhulu,” kusho uZondi.

Iphini leMeya uMnuz Promise “Pro” Dlamini, lithe bewumkhand­lu bafe olwembiza ngokuhamba kwalo mholi obenamava. “Ubona nje asazi ukuthi sizamukele kanjani lezi zindaba ngoba besingalin­dele ukuthi adlule emhlabeni, ubengaguli.

NgoLwesine nje sasisonke emsebenzin­i, usuku lwaze lwaphela. Kuthe ngoLwesihl­anu wathi uya kudokotela, wabe eselaliswa. NangoMgqib­elo besithumel­ana imiyalezo emafonini, engumuntu ozophuma noma inini esibhedlel­a. Ngithukile ngitshelwa umndeni ukuthi akasekho.

Silahlekel­we umuntu obewuthand­a umphakathi futhi ewusizo olukhulu,” kusho uDlamini.

UNkk Zondi-Mbhele ngaphambi kokuba aqokwe ukuba imeya emuva kokhetho luka-2016, ubeyiphini lemeya eMshwathi, amahlandla amabili.

Uyaziwa ngabaningi njengomhol­i we-ANC. UNkk Zondi-Mbhele, umndeni wakhe uthe ubengenabo abantwana.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMEYA uNkk Siphindile ‘Maphindi’ Zondi-Mbhele ushone esesibhedl­ela ngeSonto
Isithombe: SITHUNYELW­E IMEYA uNkk Siphindile ‘Maphindi’ Zondi-Mbhele ushone esesibhedl­ela ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa