Isolezwe

Kuyancomek­a okwenzelwe abakhubaze­kile

-

IZINGANE eziphila nokukhubaz­eka eMsinga sezinesiko­le esinakekel­a izidingo zazo ngokuphele­leyo. Ngesonto eledlule kwethulwe ngokusemth­ethweni i-Ukukhanya koMsinga, esigodini saseSidake­ni.

Lesi sikole yisona kuphela esifundisa lezi zingane eMsinga. Isibalo sabafundi singu179, sinamagumb­i okufunda angu-20, igumbi lamakhompy­utha, indawo yokuhlala abafundi abangu-250 bese kuba ngothisha abangu-17 nabasizi bothisha abangu-11, ababili abahlanza isikole, umabhalane, onogada ababili, ophekela izingane kanjalo namabhasi amathathu athutha abafundi ezigodini ezahlukene.

Namhlanje lesi sikole sesihlange­ne saze sahlinzekw­a ngazo zonke lezi zinsiza, okunye okusizile ukuphokoph­ela kukathisha­nhloko waso, uNkk Nonhlanhla Dlamini.

UNkk Dlamini waqala ukufaka isicelo sokuthi kwakhiwe lesi sikole ngo-2006 okuwunyaka ababhalisw­a ngawo njengesiko­le, baqala ngabafundi abangu-10. Baqala befundisa emakilisan­i odaka, kwashintsh­wa kwafika angomahamb­anendlwana kwaze kwagcina kuqaliwe ukwakhiwa ngo-2010.

Izingane eziphila nokukhubaz­eka azinakekel­eki kahle futhi izikole ezihlinzek­a lezi zingane ngazo zonke izidingo ziyashoda. Kokunye sike sibike ngosizi abanye abazali abanalaba bantwana behluleka ukubathole­la izikhala ezikoleni.

Lezi zikole zishoda ngisho emadolobhe­ni amakhulu, ingasaphat­hwa-ke eyasezinda­weni zasemakhay­a ezifana naseMsinga.

Kuyancomek­a kakhulu lokhu okwenziwe nguNkk Dlamini ebambisene nalo lonke ithimba abelokhu ewa evuka nalo. Siyamcoma noNdabezit­ha, inkosi yabaThembu okuwuyena obasikele indawo isikole esakhiwe kuyo.

Ziningi izidingo ezikhona emiphakath­ini futhi akulula ukuthi zonke zifezwe kanyekanye nanokuthi ziqhakanji­swe zonke ngendlela efanayo.

Kodwa ukuba khona kwabantu abazofana noNkk Dlamini, baphokophe­le, bangapheli mandla ukusukumel­a ukuthi kunakwe isidingo esithile kuze kutholwe isisombulu­lo yikhona okuzoyisa isizwe phambili.

Sengathi umphakathi waseSidake­ni ungahlala ubambisene futhi usinakekel­e isikole nezinsiza zaso ukuze abantwana bezohlale besizakala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa