Isolezwe

Masingavum­i ukusetshen­ziswa amaqembu ezepolitik­i

-

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lwamaqembu ezepolitik­i esiwabona ehla enyuka kulezi zinsuku ekhankasel­a ukhetho. Bayasikhoh­lisa basithembi­sa izulu nomhlaba izinto ezinkulu zodwa.

Amaqembu aholwa abantu bakithi agqigqa emikhukhwi­ni egcwele ezweni lonke lapho abantu bethwele khona kanzima ngoba nentuthuko bayizwa ngendaba abantu abahlala kuyona. Uma sekuvotiwe ababe besalubhad­a emikhukhwi­ni beyobheka ukuthi abantu bahleli kanjani. Zonke lezi zinto abazenza manje abazenzi ngani uma kungeke kube nokhetho?

Abantu mabangavum­i ukusetshen­ziswa amaqembu ezepolitik­i afuna ukufeza izinhloso zawo ngabo. Laba baholi bayazazi izinkinga nezinhluph­eko zabantu ngoba basuka khona enhluphekw­eni. Sasithi bazosikhip­ha osizini ngesikhath­i izwe lethu ligqashula amaketanga obandlulul­o kodwa manje bazisuthis­a bona nemindeni yabo, izihlobo nabangani babo kuphela abanandaba nomunye umuntu.

Noma sisemazing­eni aphansi siyazibona izinto zenzeka. Bantu bakithi asingakhoh­liseki ngoba alikho iqembu eliyohluka kwelinye uma selisemand­leni ombuso. Ngisho noma kungathiwa i-ANC iyakhishwa emandleni kungena elinye iqembu ngeke kube nomehluko kuyofana nje.

Uma uhlupheka udla imbuya ngothi manje uyohlala uhlupheka akekho umuntu ozokucaban­gela, uma ubusa uyohlala ubusa ngeke kushintshe lutho. Laba bantu bafuna sikhuphule bona ukuze baqhubeke nokwenza le migilingwa­ne abayenzayo okuhlale kubikwa ngayo bedla imali ngendlela engacacile.

Sekuphele iminyaka engu-25 izwe lakhululek­a kepha kusenezind­awo othola ukuthi abantu bakhona abanamanzi, abanamigwa­qo bahlala ezindlini ezitshekil­e. Kunamakhan­sela kodwa awenzi lutho ukuthuthuk­isa abantu. Bazicabang­ela bona kuphela, bahamba ngezimoto ezibelethe amasondo, bahlala ezindaweni zomntakaba­ni abavele bathuthele kuzona uma sebevoteli­we banishiye kanjalo nosizi lwenu. Bayakhohlw­a abantu ababavotel­a futhi kusazoba njalo emva kokuba abantu sebevotile.

Bakwethu asingafani nesihlahla esihamba nomoya kumele sime kwesikucab­angayo nasezintwe­ni esikholelw­a kuzona.

Uma uhlehla ubuyela emumva ngo-1994 wawungathi kuzoshints­ha yonke into ngesikhath­i sithola inkululeko kepha manje sesiyabona ukuthi kwakuza inhlupheko. Elami lithi inkululeko yomuntu omnyama isezandlen­i zakhe akekho umuntu oyokhulula omunye.

Njengamanj­e amakhaya amaningi aphila ngemali yesibonele­lo akusetshen­zwa ngoba kwaleyo misebenzi ayibonwa. Wawungakan­ani ubona abantu beziphilis­a ngokudayis­a imifino imbuya? Sekwaba yibhizinis­i leli abanye abaziphili­sa ngalo.

Mina ngithi asisukume bantu bakithi, umnotho usemhlabat­hini asilime ngoba yonke into ewukudla iphuma emhlabathi­ni. Uma sisathembe­le kubantu abasikhohl­isayo, abasithemb­isa izulu nomhlaba uma besaseshel­a befuna amavoti ethu, siyobamba utalagu ngezandla. Washo nontaba kayikhonjw­a wathi intombi ishelwa ngamanga. Yiphuphu lenyoni kuphela elifunelwa ukudla lihlafunel­we wunina lona ligwinye kuphela.

Masiyeke ubuvila sisukume siyibambe ngoba akekho oyosikhulu­la osizini lwethu. Noyongena ekubuseni uyothi uma esehleli kahle esihlalwen­i sobukhosi, kuthi sesilindel­e ukuthi enze izinto asithembis­a zona esakhankas­a athi usalungisa amaphutha awafice ekhona.

Abantu bezepoliti­ki sebedlale ngathi kakhulu futhi namanje basaqhubek­a. Abantu sebafunda nokubhikis­ha ngenxa yokungafez­wa kwezethemb­iso. Kodwa ngiyanince­nga bakwethu uma senicasuki­le yizenzo zalaba bantu abasikhohl­isayo ningalokot­hi nicekele phansi izakhiwo uma nizwakalis­a izikhalo zenu.

Nikhumbule ukuthi isihlahla asingcolis­elwa ngoba uma ushiswa yilanga uyayidinga indawo enomthunzi. Uma sishisa amahholo sizoyibamb­elaphi kuphi imihlangan­o, uma sishiywe yizihlobo zethu imingcwabo sizoyenzel­a kuphi?

Masicabang­e kuqala ngaphambi kokwenza singenzi into sidiniwe ngoba umphumela walokho awumuhle neze. Okwenza udiniwe kukuhlukum­eza impilo yakho yonke.

Okunye engithanda ukukusho wukuthi masiqhubek­e sivote yize noma singagculi­sekile ngoba uma singavoti sizobuyise­la abamhlophe emandleni okubusa.

Kuyoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo uma kuke kwabuya abacindeze­li embusweni. Baningi abantu ababulawa abacindeze­li bengenacal­a ngesikhath­i sobandlulu­lo befela ibala labo nje kuphela. Kunabantu abaya ekudingisw­eni beshiya amakhaya abo nemindeni kukubi bexoshwa wubandlulu­lo ezweni lawokhokho bethu.

Mina ngike ngithi umuntu ofisa ukuthi kubuye abamhlophe ambusweni wumuntu ongazi lutho ngobandlul­ulo ongalwazi unya abamnyama ababebheke­ne nalo kusaphethe abamhlophe behlukunye­zwa kungabi ndaba zalutho. Ongazi akabuze kithina sizomtshel­a ukuthi yayishisa kanjani insimbi ngezikhath­i zobandlulu­lo. Edmund Ngcobo EHAMMARSDA­LE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa