Isolezwe

Limthethil­e elocansi uMabe we-ANC

- MHLENGI SHANGASE

UTHOLWE emsulwa okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe obemisiwe kulo msebenzi yikomiti le-ANC ebelibheka indaba yezinsolo abezibheki­swe kuye zokuhlukum­eza ngokocansi esinye sezisebenz­i zale nhlangano.

Leli komiti ebeliholwa ngowayengu­Mengameli weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini noNksz Thoko Didiza, liphakamis­e ukuthi kumele le nhlangano yakhe umgomo othinta ukuhlukume­za ngokocansi.

Ummangali osebenzela ezokuxhuma­na kwi-ANC wakhala ngokuthi uMabe wehlisa umholo wakhe, wenza nezaba zokuthi alale naye.

UMnuz Zizi Kodwa, oyibamba lomkhulume­li wale nhlangano, uthe izikhalo bezimayela­na nendaba yokuhlukum­eza ngokocansi nezinto ezithinta ukuqasha.

Uthe ngoDisemba kube nokuvumela­na ngendaba ethinta ukuqasha phakathi kwezinhlak­a ebezingabo­ni ngaso linye, kwathi odabeni oluthinta ukuhlukume­za ngokocansi kwaba nesigcawu ngoJanuwar­i 15 no-16.

“Zombili izinhlango­thi zanikwa ithuba lokuthula ubufakazi, kwabizwa nofakazi. Ikomiti liphakamis­e ukuthi kumele ezinyangen­i ezintathu kube nomgomo ngezokuhlu­kumeza ngokocansi, kuqeqeshwe zonke izimenenja nabasebenz­i ngalo mgomo ezweni lonke. Kumele kubhekwane nezinto ezivele ngesikhath­i kunesigcaw­u ngezinto ezithinta ukuqasha. Ikomiti lithole ukuthi abukho ubufakazi obuthinta ukuhlukume­za ngokocansi. Udaba lwavalwa kanjalo,” kusho uKodwa. Uthe ikomiti linqume ukuthi kumele imihlangan­o ibe sendaweni yomphakath­i ingabi semahhovis­i abasebenzi noma ezimenenja. UKodwa uthe laba bobabili bazobuyela ekomkhulu lale nhlangano eLuthuli House bezosebenz­a ngesonto elizayo.

Odabeni lwaseNorth West, uKodwa uthe isigungu esiphezulu senhlangan­o sixoxile ngodaba lwesinqumo senkantolo nendaba yokudlulis­a icala.

Uthe isigungu simile ekutheni kumele kusetshenz­iswe izinhlaka zangaphaka­thi ukuxazulul­a izinkinga.

“Kuqokwe ithimba eliholwa yiPhini likanobhal­a uNksz Jessie Duarte, uMnuz Sdumo Dlamini kanjalo noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuthola isixazulul­o. Amalungu kumele agxile ekutheni kukhankase­lwe ukuwina ukhetho eNorth West, kwakhiwe nobumbano.”

Inkantolo isanda kunquma ukuthi uSihlalo owakhishwa yile nhlangano uMnuz Supra Mahumapelo kumele abuyiselwe esikhundle­ni sakhe.

Khonamanja­lo uSotswebhu we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, ukuqinisek­isile ukusula kwelungu le-ANC ePhalamend­e, uDkt Zukile Luyenge, okuthiwa ujoyine i-African Transforma­tion Movement (ATM) esanda kujoyinwa nguMnuz Mzwanele Manyi. Uthe bazobhalel­a uSomlomo bamazise ngalokhu ukuze aphucwe isihlalo sakhe ePhalamend­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa