Isolezwe

Abasebenzi beBosasa engcupheni

- SIPHELELE DLUDLA

BANGASE balahlekel­wa umsebenzi abantu ababalelwa ku-4 500 abasebenza enkampanin­i i-African Global Operations, eyayibizwa ngeBosasa Operations phambilini. NgoMsombul­uko abale nkampani baveze ukuthi izovalwa ngenxa yokuvalwa kwama-akhawnti ayo emabhange amakhulu kuleli.

“Kuyadabuki­sa kakhulu ukuthi ibhodi labaqondis­i be-African Global Operations selikhethe ukuthi ivalwe inkampani,” kusho abale nkampani esitatimen­deni esisayinwe umqondisi, uMnuz Johannes Gumede.

“Sithole incwadi evela emabhange esisebenzi­sana nawo, ethi ayaziqheli­sa enkampanin­i, okuchaza ukuthi azovalwa amaakhawun­ti enkampani ngaphambi kukaFebruw­ari 28 nonyaka.”

IBosasa ibe sematheni nonyaka emuva kokufakaza kowayeyisi­khulu kuyo, uMnuz Angelo Agrizzi nabanye ababeseben­za kuyo, kwiKhomish­ini kaZondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

U-Agrizzi nozakwabo baphumela obala ngomkhonyo­vu obuwenziwa kule nkampani nokushushu­mbiswa kwezimali ezinye zazo ebezisetsh­enziselwa ukugwazela izikhulu ezikuhulum­eni.

U-Agrizzi wachaza kabanzi ukuthi umsunguli oyisikhulu esiphezulu, uMnuz Gavin Watson wayebagwaz­ela kanjani abaholi abakuhulum­eni ukuze iBosasa ithole amathenda ezigidigid­i zamaRandi.

IBosasa ithe okuvele kwiKhomish­ini kaZondo kwenze amabhange amaningi aziqhelise kuyo, kumanje isiyahlule­ka ukuthola i-akhawunti yebhizinis­i ebizwa nge-trading account.

Inkampani iveze ukuthi ayivalwa ngenxa yezinkinga zemali noma umsebenzi kodwa amabhange angafuni ukuyivulel­a i-akhawunti yokusebenz­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa