Isolezwe

Kuyelaphek­a ukuphela komuzwa wocansi

-

ligcine lishode ukufinyele­la emathuluzi­ni ocansi.

Ukushoda kwenhlayiy­a ekhiqizwa umzimba okuyiyona evuselela amathuluzi nokulangaz­elela ucansi.

Ukuhuzuka nokulimala komuzwa omkhulu okuyiwona ongujikele­le ekulawulen­i ukusebenza kwamathulu­zi nasekwenza­kaleni kwalo ucansi.

Kulezi zimbangela ezingenhla, ukulimala nokuhuzuka komuzwa olawula ucansi kubukeka kuyikhona okuzihola phambili ekuthunaze­ni ucansi namathuluz­i alo. Baningi kakhulu abantu bakithi asebehambe bephengulu­la befuna futhi bezibuza ukuthi yini imbangela yokungaham­bisi kahle kwabo ocansini. Lapha ngiqondise kwabesilis­a nabesifaza­ne.

Imbangela isekuhuzuk­eni nokuququde­ka komuzwa omkhulu owakhele usuka ngasekuphe­leni kwamathamb­o omgogodla. Lo muzwa uguduza emigedeni yamathambo esinqe, uqede uhlukane kabili kubhekwe emathuluzi­ni obulili nasemgudwi­ni wokukhipha indle. Ukuququdek­a nokunqamuk­a kwemicwi yalo muzwa kudala ukuthi ubentekent­eke umgudu wendle, kwabaningi umoya uvele uziphumele nje usuze into ongayazi. Kwabanye bagcina sebehlulek­a ukulawula ukuphuma kwendle uqobo. Kumanje baningi kakhulu abantu bakithi abanensele­lo yokungakwa­zi ukubamba ukuphuma kwendle ngenxa yesimo salo muzwa, baphinde babe baningi asebevele baba nenkinga enkulu yokukhipha umoya ngemuva kakhulu, ngisho ukusuza.

Kubantu besilisa ukulimala kwalo muzwa kudala:

Ukungavuki kwenduku noma ivuke idembesela igcine iwele phakathi kumuntu wesifazane.

Ukushesha kakhulu ukufika kuvuthonda­ba, uvele ukhafule lapha nje kuqala ukuba mnandi.

Ukuncipha kwenduku ivele ishode ngosayizi ngenxa yokulimala kwalo muzwa.

Kubantu besimame ukulimala komuzwa:

Kwenza uphelelwe umuzwa wokuthanda ucansi.

Kwenza izindonga zomgudu zithambe, zisheshe zibe manzi, zize zibange umsindo uma kuyiwa ocansini.

Kwenza izicubu zomgudu wocansi ziphole, zingashisi; owesilisa aze akhale ngokuthi kunokuband­a akuzwayo uma kuyiwa ocansini.

Uma sibuyela emuva kancane sithola ukuthi lesi simo sidalwa ngukuqumbe­lana kungayeki endlini encane, agcine lowo esekhanula kakhulu ezama ukuzikhulu­la. Yilokhu kukhanula okuhuzula, kuququde umuzwa omkhulu olawula lezi zindawo. Ukuqumbela­na lokhu kuhambisan­a nokukhipha umoya ngemuva okungajway­elekile, uze ubone ususuza kakhulu kunenjwaye­lo. Kubaluleki­le ukukhumbul­a ukuthi sathi ngokwezemp­ilo kumele lowo nalowo asuze isilingani­so sibe lapha ezikhathin­i zibe lishumi.

Enye imbangela yokukhanul­a, yona ithintene nabesimame; yenzeka uma owesimame edonsa isikhathi eside uma ebeletha, kuze kulimale imizwa emikhulu ethintene nezocansi. Yikho uyaye uzwe kwesinye isikhathi abanye bekhala ngokuthi selokhu ateta akasalutha­ndi ucansi, usevele wangabi nandaba nje nalo ekubeni ubekade engenjalo ngaphambi kokuba athole umntwana.

Lokhu kuqumbelan­a, ukukhanula, iqolo eliyoba buhlungu, ukwehla kothando locansi, ukungavuki kwenduku; konke lokhu kuyinhlobo ethize yomhlume.

Inselelo enkulu esinayo kuleli lizwe wukuthi ukwelashwa okuningi okukhona kwezocansi akukwelaph­eli ukulimala kwalo muzwa, ikakhulu kubhekele ukuvulwa kwemithamb­o yokuhamba kwegazi eliya ebulilini. Lapha sikhuluma ngemijovo esetshenzi­swayo, amaphilisi, imishanguz­o ephuzwayo; okuningi kulapha ukuvula imithambo ukuze ligeleze igazi eliya ebulilini. Naleli gazi eligobhoza­yo kukambalwa lapho kuyaye kucatshang­we ukuthi lona lisukaphi, pho akushodi yini ekukhishwe­ni kwalo lapho lisuka khona? Kufuneka ngabe siyazibuza ukuthi yini pho eyenza le mishanguzo ekhona okukhuluny­wa ngayo zonke izindawo ingasebenz­i njalo, kwabanye ivele ingaqali nokuqala ukusebenza, kwabanye isebenza iphele endleleni; kusuke sekwenzenj­ani lapha? Angikaze ngihlangan­e nomuntu ozothi mina ngelashelw­a umuzwa lona omkhulu esesikhulu­me ngawo, ekubeni ziziningi izimo ezenza lo muzwa ulimale, bese ucansi luba yinkinga kumuntu wesilisa nowesifaza­ne. Ngiyagcize­lela lapha ukuthi izinkinga azikho ohlangothi­ni lobulili obubodwa; owesilisa nowesifaza­ne. Umbuzo uzothi ngoba ukuphundul­eka kwalo muzwa kuyelaphek­a yini? Impendulo ithi yebo kuyelaphek­a kodwa kuthatha isikhathi esidana ngenxa yokuthi sisuke silapha umuzwa, hhayi umuthambo njengoba kuyinjwaye­lo.

Mpilonde!!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa