Kuyelapheka ukuphela komuzwa wocansi
ligcine lishode ukufinyelela emathuluzini ocansi.
Ukushoda kwenhlayiya ekhiqizwa umzimba okuyiyona evuselela amathuluzi nokulangazelela ucansi.
Ukuhuzuka nokulimala komuzwa omkhulu okuyiwona ongujikelele ekulawuleni ukusebenza kwamathuluzi nasekwenzakaleni kwalo ucansi.
Kulezi zimbangela ezingenhla, ukulimala nokuhuzuka komuzwa olawula ucansi kubukeka kuyikhona okuzihola phambili ekuthunazeni ucansi namathuluzi alo. Baningi kakhulu abantu bakithi asebehambe bephengulula befuna futhi bezibuza ukuthi yini imbangela yokungahambisi kahle kwabo ocansini. Lapha ngiqondise kwabesilisa nabesifazane.
Imbangela isekuhuzukeni nokuququdeka komuzwa omkhulu owakhele usuka ngasekupheleni kwamathambo omgogodla. Lo muzwa uguduza emigedeni yamathambo esinqe, uqede uhlukane kabili kubhekwe emathuluzini obulili nasemgudwini wokukhipha indle. Ukuququdeka nokunqamuka kwemicwi yalo muzwa kudala ukuthi ubentekenteke umgudu wendle, kwabaningi umoya uvele uziphumele nje usuze into ongayazi. Kwabanye bagcina sebehluleka ukulawula ukuphuma kwendle uqobo. Kumanje baningi kakhulu abantu bakithi abanenselelo yokungakwazi ukubamba ukuphuma kwendle ngenxa yesimo salo muzwa, baphinde babe baningi asebevele baba nenkinga enkulu yokukhipha umoya ngemuva kakhulu, ngisho ukusuza.
Kubantu besilisa ukulimala kwalo muzwa kudala:
Ukungavuki kwenduku noma ivuke idembesela igcine iwele phakathi kumuntu wesifazane.
Ukushesha kakhulu ukufika kuvuthondaba, uvele ukhafule lapha nje kuqala ukuba mnandi.
Ukuncipha kwenduku ivele ishode ngosayizi ngenxa yokulimala kwalo muzwa.
Kubantu besimame ukulimala komuzwa:
Kwenza uphelelwe umuzwa wokuthanda ucansi.
Kwenza izindonga zomgudu zithambe, zisheshe zibe manzi, zize zibange umsindo uma kuyiwa ocansini.
Kwenza izicubu zomgudu wocansi ziphole, zingashisi; owesilisa aze akhale ngokuthi kunokubanda akuzwayo uma kuyiwa ocansini.
Uma sibuyela emuva kancane sithola ukuthi lesi simo sidalwa ngukuqumbelana kungayeki endlini encane, agcine lowo esekhanula kakhulu ezama ukuzikhulula. Yilokhu kukhanula okuhuzula, kuququde umuzwa omkhulu olawula lezi zindawo. Ukuqumbelana lokhu kuhambisana nokukhipha umoya ngemuva okungajwayelekile, uze ubone ususuza kakhulu kunenjwayelo. Kubalulekile ukukhumbula ukuthi sathi ngokwezempilo kumele lowo nalowo asuze isilinganiso sibe lapha ezikhathini zibe lishumi.
Enye imbangela yokukhanula, yona ithintene nabesimame; yenzeka uma owesimame edonsa isikhathi eside uma ebeletha, kuze kulimale imizwa emikhulu ethintene nezocansi. Yikho uyaye uzwe kwesinye isikhathi abanye bekhala ngokuthi selokhu ateta akasaluthandi ucansi, usevele wangabi nandaba nje nalo ekubeni ubekade engenjalo ngaphambi kokuba athole umntwana.
Lokhu kuqumbelana, ukukhanula, iqolo eliyoba buhlungu, ukwehla kothando locansi, ukungavuki kwenduku; konke lokhu kuyinhlobo ethize yomhlume.
Inselelo enkulu esinayo kuleli lizwe wukuthi ukwelashwa okuningi okukhona kwezocansi akukwelapheli ukulimala kwalo muzwa, ikakhulu kubhekele ukuvulwa kwemithambo yokuhamba kwegazi eliya ebulilini. Lapha sikhuluma ngemijovo esetshenziswayo, amaphilisi, imishanguzo ephuzwayo; okuningi kulapha ukuvula imithambo ukuze ligeleze igazi eliya ebulilini. Naleli gazi eligobhozayo kukambalwa lapho kuyaye kucatshangwe ukuthi lona lisukaphi, pho akushodi yini ekukhishweni kwalo lapho lisuka khona? Kufuneka ngabe siyazibuza ukuthi yini pho eyenza le mishanguzo ekhona okukhulunywa ngayo zonke izindawo ingasebenzi njalo, kwabanye ivele ingaqali nokuqala ukusebenza, kwabanye isebenza iphele endleleni; kusuke sekwenzenjani lapha? Angikaze ngihlangane nomuntu ozothi mina ngelashelwa umuzwa lona omkhulu esesikhulume ngawo, ekubeni ziziningi izimo ezenza lo muzwa ulimale, bese ucansi luba yinkinga kumuntu wesilisa nowesifazane. Ngiyagcizelela lapha ukuthi izinkinga azikho ohlangothini lobulili obubodwa; owesilisa nowesifazane. Umbuzo uzothi ngoba ukuphunduleka kwalo muzwa kuyelapheka yini? Impendulo ithi yebo kuyelapheka kodwa kuthatha isikhathi esidana ngenxa yokuthi sisuke silapha umuzwa, hhayi umuthambo njengoba kuyinjwayelo.
Mpilonde!!