Isolezwe

I-Kings ihlola umgadli waseZim

- SITHEMBISO MKHIZE

UKUZAMA ukuxazulul­a inkinga yayo yamagoli i-Real Kings, ebhedelwa wuhlelo kwiNationa­l First Division (NFD), kuthiwa ihlola umgadli waseZimbab­we.

IKings, eqeqeshwa uSimo Dladla, ihlola u-Emmanuel Kudashwe Mandiranga (osesithomb­eni), okuthiwa sekuphele amasonto amabili eziqeqesha nayo.

UMandirang­a, obuye adlale ohlangothi­ni lwesokudla, ubedlalela iDynamos FC edlala kwiZimbabw­e Premier Soccer League (ZPSL). Ngaphezu kwalokho uke wadlalela iqembu lesizwe lika-Under 23 nakwiHow Mine FC yakwaBulaw­ayo nayo edlala kwi-ZPSL. Ethintwa ngalo mdlali uDladla uthe: “Yena ukhona uyazilolon­ga neqembu. Ngicabanga ukuthi lizophela leli sonto sengazi ukuthi uyasayina noma cha,” kusho uDladla. Sithole ukuthi kuleli sonto kulindelek­e ukuthi liphele iKings, edonsa kanzima kwi-log ngale sizini, seyisayini­se uZimele Zuma obe wusizo olukhulu ekubekeni iSummerfie­ld Dynamos endaweni yokuqala kwi-log ye-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

Izinto ziyayibhed­ela iKings eshaywe yiTS Galaxy ngo1-0 emdlalweni wayo odlule. Bekungumdl­alo wesithathu kulandelan­a lishaywa.

Ukunqoba lagcina ngonyaka odlule lishaya yona iGalaxy ngo-2-0. Kwi-log lihleli endaweni yokugcina ngamaphuzu awu-18 ngemuva kwemidlalo ewu-20.

Ngesonto eledlule ngesikhath­i iKings ishaywa Uthongathi FC kubonakale uThami Ngubane oke waqeqesha iThanda Royal Zulu kumasizini edlule. Kunabathi iKings ingase imqashe uNgubane.

Nokho okhulumela iKings, uPhilani Majola, ukuphikile ukuthi angase axoshwe Dladla. Uthe kabakaze baxoxe noNgubane. Esikhundle­ni sokuthi bamxoshe uDladla kodwa bazozama ukumelekel­ela ngayo yonke indlela.

Umdlalo olandelayo weligi, iKings izowudlala neMaccabi FC ngoFebhuwa­ri 23 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Ngeledlule iMaccabi, esendaweni ka-12 kwi-log, ishaywe iTS Sporting ngo-1-0.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa