Abe-ASA noSemenya bakhala ngobuqili
isitatimende begxeka i-IAAF ngokuphula umgomo wokungakhulumi abawusayina eCourt of Arbitration for Sports (CAS) ngesikhathi kuqhubeka leli cala eliqale izolo eLausanne, eSwitzerland.
Bathe ngaphambi kokuthi icala liqhubeke nabo bafake isicelo kwiCAS sokudalula awabo amathimba ofakazi abazogadla ngawo. Kulindeleke ukuthi lokhu bakwenze namuhla.
I-AAF ifuna uSemenya nabanye abagijimi besifazane abadalwe njengaye badle imishanguzo yokwehlisa ukukhiqizeka kwetestosterone emizimbeni yabo uma bezimisele ngokugijima ku-400m, 800m no-1500m. UCaster ne-ASA bayawuphikisa lo mthetho obekumele uqale ukusebenza ngoNovemba nyakenye. Ukulalelwa kwecala kuqale izolo, kulindeleke ukuthi kuthathe izinsuku ezinhlanu. Isinqumo sibhekwe ekupheleni kukaMashi.
Izolo ngaphambi kokuthi kuqale icala i-IAAF ikhiphe isitatimende iveza imininingwane ngongoti abazovumelana nayo ngokuthi kungani abagijimi kumele behlise i-testosterone, ngokwayo esuke ibabeka ezingeni labesilisa.
“Kusobala ukuthi lokhu kuwukungalandeli umbandela wokungakhulumi esawenza kwiCAS. Ngokwe-ASA lokhu kufana nobuqili bokuzama ukunxenxa uzwelo emphakathini. Ukulalelwa kwecala kwenziwa ngaphansi kwemigomo yokuthembeka ekugcineni imininingwane yalo iyimfihlo. Lesi sitatimende (se-IAAF) bekungafanele neze sikhishwe. I-ASA noSemenya bakholwa wukuthi lesi yisenzo esibe yinhloso ngoba bengeke bakwazi ukuziphendulela ngokushesha ngenxa yokuthi bona benze ukuthembeka kwiCAS.”