Isolezwe

UMazinyo ujabule ngabakuzuz­ile

- LUNGILE MAJOKA

USEBHEKE abazoqhath­wa nabo kuma-quarterfin­al eNedbank Cup u-Ernst Middendorp opheka iKaizer Chiefs, engene kulesi sigaba seliyoshon­a ishaya iThe Magic FC ngo 3-0, okungamago­li angene esikhathin­i esengeziwe.

Emidlalwen­i emibili ilandelana Amakhosi athwaliswe kanzima amaqembu asesigaben­i samaamesha, i-ABC Motsepe League.

Emdlalweni weLast 32 kwadingeka ukuthi idlule ngegoli elaba wumkhonto ogwaze ngasekhaya ibhekene neTornando FC.

Ngempelaso­nto eNelson Mandela Bay, abalandeli bese bemince okokugcina iqembu labo lenza konke ukushaya igoli kodwa lutho ukudlula odongeni lweThe Magic.

Luze lwagqobhok­a ngomzuzu ka-105, uDaniel Cardoso eshaya iphenathi ngemuva kokudlalis­wa kabi kukaKhama Billiat.

UPhilani Zulu noBilliat babe sebelandel­a ngamanye amagoli amabili.

Kuma-quarterfin­al iChiefs efuna indebe yayo yokuqala eminyakeni emithathu, ijoyine iChippa United, Cape Town City, Bloemfonte­in Celtic, Cape Umoya neTS Galaxy.

Iqembu lesishiyag­alombili liphume izolo ebusuku emdlalweni obuqhathe iBidvest Wits neBlack Leopards. La maqembu azoqhathwa ngoLwesine ntambama.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo uMiddendor­p uthe “akacasukil­e” ngokubhuqu­ziswa amavukane yena nje ujabulela ukuthi bakutholil­e ababekuhlo­sile.

“Njengoba ngike ngasho phambilini, inhloso yethu bekuwukung­ena emaqembini ayisishiya­galombili okugcina. Sikwenzile lokho,” kusho uMiddendor­p.

“Ngishilo nokuthi isitha sethu esikhulu kuzoba yithi uqobo. Sikwenzile konke ukulungise­lela nokuhlela ukuthi singena kanjani ezikhaleni ukwakha amathuba (amagoli).

Sikwenzile lokho imizuzu ewu-90. Sizenzele phansi ngendlela esiqedele ngayo lawo mathuba. Besingenza kangcono. Ekugcineni sidinge imizuzu ewu-120 ukuthola umphumela ebesiwufun­a. Sesilinde uLwesine,” kusho uMiddendor­p.

Lo mqeqeshi ukugcizele­le ukuthi akabasoli abadlali bakhe ngokuyeka amathuba emdlalweni.

“Uma ungumqeqes­hi igama lokucasuka akumele libe wumngani wakho. Kumele ukuqonde ukuthi uma usebenza neqembu awuliphosi ithawula.

Kumele usebenze kuze kulunge lokhu okufunayo. Siyazi ukuthi abadlali abathile bebengenza kangcono ekuqedelen­i amathuba kodwa lokho akungidini. Leli akulona igama umqeqeshi okumele alisebenzi­se yize sazi ukuthi okunye akwenzekan­ga ngendlela,” kusho uMiddendor­p.

IChiefs isizolungi­selela ukudlala nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o, ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHILANI Zulu weKaizer Chiefs ungomunye wabadlali abashayele leli qembu amagoli ngeSonto lidlala neThe Magic FC ukuze libalwe namaqembu ayisishiya­galombili azodlala kuma-quarter final eNedbank Cup
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHILANI Zulu weKaizer Chiefs ungomunye wabadlali abashayele leli qembu amagoli ngeSonto lidlala neThe Magic FC ukuze libalwe namaqembu ayisishiya­galombili azodlala kuma-quarter final eNedbank Cup
 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ongayizwa indaba yokujabuli­swa amaphuzu angakawadl­aleli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ongayizwa indaba yokujabuli­swa amaphuzu angakawadl­aleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa