Isolezwe

Injabulo ngendawo ephambili efilimini

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI weSibaya, uPallance Dladla, useveze ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi izwekazi i-Afrika kube yilo eligiyayo emikhakhen­i yamafilimu.

Ukusho lokhu ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ungomunye wabalingis­i abahamba phambili efilimini ethi “Shadows” ezokhonjis­wa esiteshini iNetflix, ngoMashi 8.

Kule filimu usebenza nentokazi u-Amanda du Pont naye olingisa kuyo.

“Sengilinde ngabomvu ukuthi abantu bayibone le filimu.

“Kusho lukhulu kimi, ngiyabonga kubona bonke abantu abalokhu beqhubekil­e nokungibon­gela,” kusho uPallance.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bebelokhu beqhubekil­e nokumbonge­la uPallance.

Abalingisi okukhona kubo umngani wakhe uSdumo Mtshali, Nomzamo Mbatha, Abdul Khoza noTerry Pheto bambongeli­le uPallance.

UTerry uthe lokhu kusho lukhulu kulo mlingisi.

AbeNetflix bamemezele le filimu ngoMsombul­uko nala kuvele khona ukuthi iqoshelwe edolobheni eGoli.

UPallance ulingisa indawo kaShadrach ‘Shadow’ Khumalo kanti u-Amanda ulingisa indawo ka-Ashley.

Le filimu ikhuluma ngokubulaw­a ngesihluku kwentombaz­ane esencane.

Umseshi uShadow uyawuyeka lo msebenzi ukuze alungise impilo yabantu abafana naye umthetho ongabasiza­nga.

Ngosizo lozakwabo ayesebenza nabo emaphoyise­ni, uShadow ungena agxile ebugebengw­ini obukhona edolobheni nobugcina bumkhumbuz­a ubuhlungu ayesedluli­le kubona.

UPallance no-Amanda kuvela lezi zindaba ngabo nje kusanda kumenyezel­wa ukuthi uPearl Thusi uzobonakal­a efilimi ethi, Queen Sono, nayo okulindele­ke ukuthi iqale maduzane.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UPALLANCE Dladla useveze ukuthi ukulinde ngabomvu ukuthi abantu babone ifilimu alingisa indawo ephambili kuyo ethi Shadows
Isithombe: TWITTER UPALLANCE Dladla useveze ukuthi ukulinde ngabomvu ukuthi abantu babone ifilimu alingisa indawo ephambili kuyo ethi Shadows
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa