Isolezwe

Kuvela imbangela yokuquleka kukaZimdol­lar

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUNGAPHUM­ULI nokhwantal­ala yikhona okuholele ekutheni umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela aquleke e-studio esebenza ngoMsombul­uko ekuseni.

Udokotela obehlola uZimiphi kuthiwa umyalele ukuthi aphumule futhi ayeke nokucabang­a izinto eziningi ngoba lokho kungaba yingozi empilweni yakhe.

Umyeni kaZimiphi, uMfishimfi­shi Dlamini, utshele Isolezwe ukuthi usengcono kakhulu ngoba izolo uthole ucingo lokuthi akamlande esibhedlel­a abekuso eThekwini.

“Ungcono manje useluleme kakhulu. Siyabonga kubona bonke abasixhasi­le naye belokhu bemshayela ucingo bebheka ukuthi unjani emuva kwalesi simo. Udokotela uthe akaphumule azame ukwehlisa izinto azicabanga­yo ngoba yizona ezimholele la ekhona manje,” kuchaza uMfishimfi­shi.

Nayizolo ucingo lukaZimdol­lar belukhala kodwa lungabanjw­a.

UZimdollar uphuthunyi­swe esibhedlel­a isimo sakhe sisibi ngoMsombul­uko ngemuva kokuquleka ezindlini zomsakazo eThekwini.

UZimiphi kuvela ukuthi utholwe yithimba lasekuseni labezindab­a ebelizonge­na ewile.

Ngalolo suku wayesakaza uhlelo oluthi Lwasa Olungaliyo olungena ngo-2 luphele ngo-4 ekuseni.

Lesi simo kuvele ukuthi senze kwaba muncu kwabebekho­na ngoba uZimdollar wayenganya­kazi kunzima ngisho ukuvula amehlo ngesikhath­i bemfica.

Kuvele ukuthi ngendlela ayeyiyona kwase kuphuma ngisho amagwebu emlonyeni.

 ?? Isithombe: UKHOZI FM ?? UDOKOTELA uyalele umsakazi woKhozi FM uZimdollar Biyela ukuthi aphumule futhi ayeke ukucabanga njengoba kuyizona zinto ezimenze waquleka THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: UKHOZI FM UDOKOTELA uyalele umsakazi woKhozi FM uZimdollar Biyela ukuthi aphumule futhi ayeke ukucabanga njengoba kuyizona zinto ezimenze waquleka THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa