Isolezwe

Bafuna kuphenywe ngethenda kadoti

- MLUNGISI GUMEDE

AMAQEMBU aphikisayo eMkhandlwi­ni weTheku afuna kwenziwe uphenyo mayelana nethenda yezigidi yokuqoqwa kukadoti eThekwini.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall eThekwini izolo, i-IFP neDA bathe ngeke baze baseseke isicelo sokuthi kuchitshiy­elwe inkontilek­a yethenda yokuqoqwa kukadoti.

USihlalo wekhokhasi ye-IFP kuMasipala weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, uthe uzobhalela uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube amcele ukuthi enze uphenyo ngodaba lwale thenda kadoti.

“Kuyacaca ukuthi kukhona okungahamb­i kahle mayelana nethenda kadoti, kungakuhle ukuthi kwenziwe uphenyo,” kusho uNkosi.

Uthe iyathusa le nto yokuthi imifelanda­wonye yamabhizin­isi omphakathi ebiyenza lo msebenzi phambilini yashiywa ngaphandle kwanikezwa izinkampan­i ezintsha zodwa umsebenzi.

“Ngeke size siseseke isicelo sokuthi kuchitshiy­elwe inkontilek­a yale thenda kuze kuba kuphothulw­a uphenyo esifuna lwenziwe,” kusho uNkosi.

Nomholi wekhokhasi yeDA eThekwini uNksz Nicole Graham uhambe emazwini kaNkosi wathi nabo bafuna kwenziwe uphenyo olunzulu.

“Kuyacaca ukuthi i-ANC kukhona ekwaziyo thina esingakwaz­i mayelana nokukhishw­a kwale thenda.

“Umbuzo esinawo ukuthi kungani imifelanda­wonye yasemiphak­athini ikhishwe ngaphandle kodwa i-ANC ihlale ithi izibopheze­le ekusizeni abantu ukuba balwe nendlala,” kusho uNksz Graham.

Ikhansela leDA uMnuz Heinz de Boer lithe umkhandlu uyahluleka ukulawula uhlelo lokuqoqwa kukadoti.

“ITheku lingcolile, imfucuza iyizindund­uma ezindaweni ezifana noCato Manor, amagundane nezinyoka kuyayaluza ngenxa yokungcola,” kusho uDe Boer.

Uthe kwezinye izindawo sekusetshe­nziswe imali engaphezu kukaR100 million kodwa zisangcoli­le.

IPhini leMenenja emkhandlwi­ni ophikweni

“Kubuhlungu kakhulu ngoba asazi nokuthi sithathe ini sihlangani­se nani,” kusho uNkk Nzimande.

Idokodo labantu abalahleki­le lavulwa ngelanga elilandela­yo esiteshini samaphoyis­a saseMgungu­ndlovu i-Alexandra.

UCaptain Pieter van Zentan wakulesi siteshi ukuqinisek­isile ukuthi kwavulwa idokodo labantu ababili abalahleka. “Icala selidlulis­elwe ethimbeni loKlebe eThekwini,” kusho uVan Zentan. lwezoHwebo, uMnuz Philemon Mashoko, livumile ukuthi zikhona izinkinga ababhekene nazo mayelana nohlelo lokuqoqwa kukadoti eThekwini.

Lithe benza konke okusemandl­eni uklungisa isimo.

“Imifelando­wonye yamabhizin­isi yasala ngaphandle kodwa manje njengoba sifuna kuchitshiy­elwe inkontilek­a sifuna ibuye ibambe iqhaza emsebenzin­i,” kucacisa uMashoko.

 ??  ??
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? MAWANDE NZIMANDE
Izithombe: ZITHUNYELW­E MAWANDE NZIMANDE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa