Isolezwe

Kuboshwe osolwa ngokuba yinkabi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBE nenhlokomo ehostela laseMlaza eGlebeland­s kulandela ukuboshwa kosolwa ngokuthi ungomunye wezinkabi ebezikhokh­elwa ukubulala abantu.

Umsolwa oneminyaka engu30 uboshwe ezihlalele endlini yakhe kulo leli hostela ngeSonto. Kuthiwa amaphoyisa ngaphansi kweCluster yaseThekwi­ni ophiko leTask Team ligasele ngaphansi komkhankas­o wabo wokulwa nokubulawa kwabantu kuleli hostela i-Operation Fiela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa ubhekene necala lokubulala uMnuz Thabani Mjoli (52). “Ngenyanga edlule kwabulawa uMjoli, owatholwa edutshuliw­e, enamanxeba ekhanda. Icala lokubulala lavulwa esiteshini saseMlaza. Umsolwa oboshiwe, usolwa ngokubulal­a uMjoli. Umsolwa uzobekwa icala lokubulala bese evela enkantolo yaseMlaza maduze. Lo msolwa ubefunwa nangamanye amacala okubulala ehostela naKwaMnyan­du, lapho kwabulawa khona abantu abane ezigamekwe­ni ezehlukene,” kusho uCol Mbele.

UCol Mbele uthe umsolwa kusaphenyw­a ukuthi awekho yini amanye amacala athinteka kuwo okubulala nezigameko zodlame.

Umthombo weSolezwe uthe kube nenhlokomo kwezinye zezinhlang­othi kuleli hostela ngesikhath­i kuzwakala ukuthi umsolwa uboshiwe ngokubulal­a umuntu.

“Abantu bajabulile ngokuboshw­a komsolwa ngoba kusho ukuthi amaphoyisa ayayinqoba impi yemiguluku­du ehlala ehostela futhi lokhu kusho ukuthi sesizophep­ha, sikwazi nokuhamba singajeqez­i. Kusijabuli­sile kakhulu ukuboshwa kwalo msolwa ngoba ubevele esoleka kokuningi lapha. Siyathemba njengoba eboshiwe uzoze agwetshwe inkantolo,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa ngoba usaba ukuthi ungahlasel­wa ngokuphawu­la nje.

Icala labayisish­iyagalombi­li labasolwa ngokuba ngongqondo­ngqondo ekubulawen­i kwabantu, lona lizobuyela enkantolo ngoMashi 29 nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa