Isolezwe

Basola amakhansel­a athulayo kudliwa umhlaba

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANC eMkhandlwi­ni weTheku isola ukuthi kunesandla semfene odabeni lokwenyuka kwesihlava sokudliwa ngo “dli” komhlaba ezindaweni ezingaphan­si kwedolobha.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall izolo, uSihlalo wekomiti lezezindlu, uMnuz Mondli Mthembu, uthe babona sengathi kunesandla esinoboya kulolu daba ngoba amanye amakhansel­a avele asonge izandla uma ebona abantu ezindaweni zabo bethatha umhlaba ngokungemt­hetho.

“Uma uyikhansel­a ubona abantu bephula umthetho, bethatha umhlaba okungewona owabo, singalinde­la ukuthi ubikele umkhandlu kodwa amanye amakhansel­a avele azithulele, okwenza sisole ukuthi mhlawumpe nawo anesandla ekuthathwe­ni noma ekudliweni komhlaba ezindaweni zawo,” kusho uMthembu.

Uthe bayabona ukuthi kukhona asebeseben­zisa udaba lokuthathw­a komhlaba ngokungemt­hetho ukufeza izinhloso zabo.

“Singase sikhule lesi sihlava ikakhuluka­zi njengoba sibheke okhethweni ngoba sekunosoma­thuba abagangayo ngendaba yemikhukhu,” kusho uMthembu.

Uthe le nto yokuthathw­a komhlaba ngokungemt­hetho iphinde igqugquzel­we ngabantu abanezimal­i abenza inzuzo ngokwakha imikhukhu bayidayise, baphinde baqashise ngayo.

“Laba bantu abangabani­kazi bemikhukhu baba nodlame balwe uma kufika amaphoyisa ezobhidliz­a imikhukhu abaqashise ngayo ngoba basuke bebona ukuthi bazolahlek­elwa inzuzo,” kusho uMthembu.

Uthe amaphoyisa azithola esebunzime­ni ngoba akulindele­kile ukuthi asebenzise indlakadla uma ebhekene nalaba bantu.

“Sesisungul­e umkhandlu ofaka ama-ward lapho lesi sihlava sande khona kakhulu ngenhloso yokuthola ikhambi lokulwa nale nto,” kusho uMthembu.

Uthe iyabakhath­aza le nto yokudliwa komhlaba ngoba iphazamisa intuthuko.

“Uthola ukuthi lapho kufakwe khona imikhukhu kunohlelo lokuletha intuthuko egcina isiphazami­seka ukuthi ilethwe,” kusho uMthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa