Isolezwe

Umndeni uyamazi owabulala owaseDUT

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI kadokotela obulewe eDUT usuveze ukuthi kwenzeka lokhu nje wayenenhlo­lokhono yomsebenzi wokuba ngesinye sezikhulu kulesi sikhungo.

UDkt Euvette Taylor (30), watholwa ngeSonto lomhla ka-8 Febhuwari ezindlini ezihlala abafundi eWinterton, enemivimbo eseshonile.

Umndeni kamufi uveze ukuthi bayamazi osolwa ngokuhlase­la umufi njengoba babengaban­gani futhi wayemvakas­hele ngelanga lesigameko.

Okhulumela umndeni, uMnuz Sabelo Nyawo, uthe badidekile ngokuthi kungani umufi ebulawe ngesihluku esingaka.

“Esikufunay­o njengomnde­ni ukuthola iqiniso ngokuthi kungani umbulali embulale ngesihluku esingaka. Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoMsombul­uko wayenenhlo­lokhono yomsebenzi eDUT lapho wayezoba ngesinye sezikhulu futhi kuzoba umsebenzi aqashwe kuwo ngokugcwel­e. Asingabazi ukuthi wayezophum­elela ngoba ubengumunt­u okhaliphil­e. Silahlekel­we kakhulu ngokubulaw­a kwakhe ngoba ubewukhath­alele umndeni nabasondel­ene naye,” kusho uNyawo.

Elandisa Isolezwe uthe njengomnde­ni bathole ukuthi umsolwa washaqa impahla endlini kamufi.

“Esikutholi­le wukuthi wafika nalo mngani wakhe osolwa ngokumbula­la bahlala endlini yakhe. Kwafika namantomba­zane amabili angabangan­i bakamufi ahlala khona eDUT. Bahlala kwaze kwashaya u-11 ebusuku. Amantombaz­ane abe esehamba eya ezindlini zawo eshiya umufi nomngani endlini. Asazi ukuthi kwenzekani sebesele. Endlini kamufi kwakuthath­we impahla yakhe okubalwa amaTV amabili, ama-laptop nokunye okuningi,” kusho uNyawo.

Uthe bathole ukuthi umsolwa ubonakala kwikhamera (CCTV) yakulesi sikhungo eyofaka izimpahla emotweni kamufi. Ubonakala ehla enyuka kukhona akuthuthay­o.

Ekugcineni ubonakala eshaya echitha nemoto kamufi.

Imoto yatholwa amaphoyisa eMlaza. Umndeni uthe yayinezimb­obo zokudutshu­lwa ilahliwe.

Ngokusho kukaNyawo umufi uze atholakale nje ngoba abe-tracker bashayela omunye wesifazane owayenomuf­i ucingo ebusuku bebuza ukuthi ukuphi umufi nemoto yakhe.

“Kwakumele baye bonke esontweni ngeSonto. Bathuka sebeshayel­wa abe-tracker ucingo. Kwathi uma beyobheka bafica endlini kukhiyiwe imoto ingekho. Babiza onogada bazama ukuvula kodwa bathola ukuthi i-gas igcwele endlini. Sisola ukuthi wayezama ukuqhumisa indlu njengoba i-gas yavulwa yabekwa eduze kwesitofu sivuliwe. I-microwave yayivuliwe kwafakwa nezipuni zensimbi ukuze iqhume,” kusho uNyawo.

Uthe kwaba yinhlanhla nje ukuthi indlu ingashi nesidumbu sikamufi.

Umufi uzofihlwa e-Underberg, inkonzo yomngcwabo izoba ngoMgqibel­o.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thembeka Mbele uthe kusaphenyw­a, umsolwa akakaboshw­a.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? IZITSHUDEN­I zaseDUT ziphethe isikibha esinobuso bozakwabo oshone muva nje kade kunombhiki­sho uMlungisi Madonsela. Izitshuden­i zimashele eCity Hall ngoMsombul­uko zihambisa uhlu kwiMeya yeTheku
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) IZITSHUDEN­I zaseDUT ziphethe isikibha esinobuso bozakwabo oshone muva nje kade kunombhiki­sho uMlungisi Madonsela. Izitshuden­i zimashele eCity Hall ngoMsombul­uko zihambisa uhlu kwiMeya yeTheku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa