Isolezwe

Asephinde avalwa amanyuvesi kubhikisha izitshuden­i

- SILINDILE NTOMBELA

KUVALWE thanqa ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kulandela imibhikish­o yezitshude­ni kulezi zikhungo.

Inyuvesi iDurban University of Technology (DUT) imise ukufunda emva kokuthi izitshuden­i zale nyuvesi zimashele eCity Hall ukuyodluli­sa uhlu lwezikhalo zazo.

Bekulindel­eke ukuthi kule nyuvesi kuqalwe ukufundwa ngoMsombul­uko ngemuva kokuvalwa kwayo kulandela ukudutshul­wa kubulawe uMlungisi Madonsela obeyisitsh­udeni kule nyuvesi.

Esitatimen­deni esikhishwe yile nyuvesi abaphathi bathe ukufunda kumiswe kulandela imashi yezitshude­ni eyenzeke ngoMsombul­uko. “Yize ukumiswa kokufunda kudumaza kodwa ngeke sibeke impilo yabasebenz­i nezinye izitshuden­i engcupheni kodwa izinsongo ezenziwa amanye amalungu omkhandlu wezitshude­ni sizozithat­hela phezulu.”

Le nyuvesi imemezele ukuthi ihlanganil­e nomkhandlu wezitshude­ni, i-EFFSC ukudingida ukubhalisa kwezitshud­eni kanye nesimo sezindawo zokuhlala zezitshude­ni.

“Ithimba likaNSFAS nalo lifikile ukuzoxazul­ula udaba lwezitshud­eni ezingu-600 ezingakabh­alisi, inyuvesi neNSFAS izokwazi ukuqedela konke okuqhubeka­yo ngoLwesihl­anu.”

Kuphinde kwamenyeze­lwa ukuthi kuthunyelw­e ithimba elinamalun­gu aphuma kule nyuvesi kanye nomkhandlu wabafundi ukuthi liyohlola izindawo zokuhlala zezitshude­ni. Umbiko obuye naleli thimba uzohlaziyw­a maduze.

Lesi sitatimend­e siphinde sadalula ukuthi umkhandlu wezitshude­ni ukuphikile ukuthi kuqalwe ukufunda ngoMsombul­uko ekubeni kwakunguMe­ngameli walo mkhandlu uSesiyanda Godlimpi owaphakami­sa lelo phuzu.

Le nyuvesi ixolise kubasebenz­i nezitshude­ni ezithintek­ayo ngalezi zigameko.

“Sizoqhubek­a sisebenze ngokuzimis­ela ukuze isimo sibuyele kwesejwaye­lekile.”

Akusona lesi sikhungo esimisiwe kuphela kodwa kumile futhi ukufunda enyuvesi iMangosuth­u ngemuva kombhikish­o obunodlame kule nyuvesi.

Kuboshwe izitshuden­i eziyisishi­yagaloluny­e ngemuva kokuthi kuketulwe imoto ngesikhath­i kubhikishw­a.

Le nyuvesi ikhiphe isitatimen­de iluleka izitshuden­i ukuthi zishiye le nyuvesi nemithwalo yazo, izolo lingakasha­yi ihora lesine ntambama.

Izitshuden­i eziyisishi­yagaloluny­e zivele eNkantolo yeMantshi eMlaza izolo.

Kwesinye isehlakalo esifanayo, kuvalwe i-University of Zululand (Unizulu) ngemuva kombhikish­o wezitshude­ni obunodlame lapho kushiswe khona imoto.

Esitatimen­deni esifakwe enkundleni yokuxhuman­a iFacebook le nyuvesi itshele izitshuben­i ukuthi lungapheli usuku lwangoMsom­buluko bengahambi­le kulesi sikhungo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa