Isolezwe

Kuyasiza ukuphumela obala ngobulili

- SILINDILE NTOMBELA

UKUPHUMELA obala ngobulili sekwaba insakavuke­la umchilo wesidwaba njengoba nomphakath­i wabantu abathandan­a nobulili obufanayo i-lesbian, gay, bisexual, and transgende­r (LGBT) ukweseka lokhu.

Kubaluleki­le ukuphumela obala ngobulili bakho ngoba ukuzifihla kwenza kube nzima ukuzithand­a nokuzamuku­kela.

Ochwephesh­e abazi kabanzi mayelana nabantu abathandan­a nabantu abanobulil­i obufana nobabo, bathi kuyisinqum­o esinzima ukuphumela obala ngobulili ngoba kudinga isibindi kodwa yinto okumele yenziwe ngoba ukuzifihla kudala izinkinga eziningi ezifana nokungazet­hembi noma ukushada nomuntu ongamthand­i.

Ukuphumela obala ngobulili kunomthele­la omuhle empilweni nasengqond­weni yomuntu nasothandw­eni umuntu ophumele obala azifaka kulo.

Ukutshela umndeni noma abazali ukuthi uthanda abantu abanobulil­i obufana nobakho akusiyo neze into elula.

Uchwephesh­e wasikhungo iGay Theraphy Center, uDkt Adam Blum uthi akusiwo umqondo omuhle ukuphumela obala kubazali bakho uma lokho kuzolimaza ukuphila kwakho, imfundo yakho futhi kukuqedele indawo yokuhlala.

“Kungcono ulinde uze ukwazi ukuzimela uphinde ube nabantu abazokwese­ka isimo sobulili bakho,” kusho uDkt Blum. Uthe kubaluleki­le ukubekezel­e nokulindel­a ukuphoxeka nezinyembe­zi ngoba kujwayelek­e ukuthi umndeni uthathe isikhathi ukuqonda isimo somuntu othanda abantu abanobulil­i obufaba nobakhe.

Ukuphumela obala ngobulili emsebenzin­i.

Kungaba nokungakhu­luleki ukuphumela obala ngobulili bakho emsebenzin­i.

UDkt Blum uthi kubaluleki­le ukungabufi­hli ubulili bakho ezinkulumw­eni oba nazo nozakwenu. “Kubaluleki­le ukuthi uqale uhlolisise indawo osebenza kuyo uma ufuna ukudalula isimo sobulili bakho emsebenzin­i.

Uma abaphathi bakho bengenanki­nga ungaphumel­a obala ngoba ukungakwen­zi lokho kungadala ukuthi uthikameze­ke emsebenzin­i wakho. Ukuthikame­zeka emsebenzin­i kunomthele­la omubi ekusaseni lakho,” kusho uDkt Blum.

Ukuphumela obala ngobulili kubangani.

Abangani kuvame ukuba ngabantu abashesha ukuqonda nokwamukel­a isimo sobulili bakho. UDkt Blum uthi abangani bajwayele ukuzibonel­a bona ngezenzo zakho ngakho kubaluleki­le ukungazifi­hli.

“Kumele ulinde uze ube nesiqinise­ko sobulili bakho ngaphambi kokuba ubudadule kubangani bakho ebese uphumela obala futhi uzethembe ukuze uzoba nokuzwana okuneqinis­o nabangani bakho,” kusho uDkt Blum.

Sekujwayel­ekile ukubona osaziwayo bakuleli abaningi bephumela obala ngobulili babo, okukhombis­a ukukhulule­ka nokuzamuke­la ngesimo sobulili babo.

USomizi Mhlongo, Nomsa Buthelezi, Phelo Bala, Mandisa Nduna noThishiwe Ziqubu bangabanye bosaziwayo asebenesik­hathi bephumele obala ngobulili babo.

 ??  ??
 ??  ?? UTHISHIWE Ziqubu nesithandw­a sakhe uMandisa Nduna
UTHISHIWE Ziqubu nesithandw­a sakhe uMandisa Nduna
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa