Isolezwe

Isikole esifaka ugqozi lobuthishe­la

- PHILI MJOLI

BAGQOKA ngendlela ezokwenza ukuthi umfundi afise ukuthi naye abe nguthisha, othisha baseWindy Heights Primary, eseMalukaz­i.

Uthishanhl­oko wakulesi sikole, uNksz Thembekile Makhanya uthe ukhuthaza ukuthi othisha bagqoke izimpahla ezihloniph­ekile ezizokwenz­a ukuthi ubuthisha bube nesithunzi.

“Angisho ukuthi uthisha akaye esitolo ayokhithiz­a ingqephu kodwa ngithi uthisha akagqoke ngendlela ehloniphek­ile, ezomenza angafani nanoma ngubani ongena esikoleni. Akubonakal­e ukuthi yena unguthisha,” kusho uNksz Makhanya.

Uthe ufike ngo-2013 ezoba ngumphathi walesi sikole esihambisa­na nezinhlelo zokufunda ezibekwe wumnyango kodwa baba nesigaba esithile abazibekel­e sona ukuthi bafuna ukufika kuso beyisikole.

“Uma uCaps ethi umfundi kaGrade R kumele akwazi ukubala agcine ku-20, thina sithi umfundi kaGrade R akakwazi ukubala agcine ku-50. Senzela ukuthi uthisha ofundisa ibanga elilandela­yo naye afundise abe ngaphezulu komgomo obekiwe, ukuze izingane zikwazi ukuphuma ziphekeke kahle,” kusho yena.

Lesi sikole sigubha iminyaka ewu-30 sasungulwa kulo nyaka.

UNksz Makhanya uthe sakhiwa umphakathi wamaNdiya owawuhlala endaweni. Kodwa manje sekufunda zonke izinhlanga. Abafundi abaningi sekungabam­nyama.

Abafundi bakulesi sikole bangu1 626, othisha bangu-43 kodwa abasebenzi besikole bebonke bangu-66, uma sekubalwa nabasebenz­a ekhishini, abasebenza ehhovisi nonogada.

Lesi sikole siyi-quintal 2, akukhokhwa kuso, abafunda khona bayadla. Kungenwa ngo-7:30. Kodwa uthishanhl­oko uthi uthisha wokuqala ufika ngo-6, ekuseni ngoba bazibekela umgomo wokuthi akekho uthisha ozofika sekudlule isikhathi.

“Kunezinto singothish­a esazibeka ukuthi sifuna ukuthi abafundi bethu bazibone kithina, njengokufi­ka ngesikhath­i esikoleni. Angazi ukuthi yini ukufika ngemuva kwesikhath­i ngoba cishe bonke abasebenzi bala ekhaya bafika ngemuva kancane kwehora lesikhombi­sa yize isikole singena ngo-7:30,” kusho yena.

Abafundi bakulesi sikole badlala ibhola lezinyawo, elomqakisw­ano, i-table tennis, i-volley ball , i-rugby, i-cricket, i-chess nokubhukud­a.

Kulesi sikole ayikho i-swimming pool. UNksz Makhanya uthe bavumelana nabazali ukuthi kuhlangani­swe imali ukuze abafundi bayozilolo­ngela ukubhukuda eSiphingo.

“Besiqala ukubhukuda nyakenye kodwa ngiyabona ukuthi singene kwezwakala njengoba sibuye nazo izindodo ezimbalwa. Kulo nyaka sifuna ukwenza kangcono kakhulu,” kusho uNksz Makhanya.

Uthe ngenxa yezinhlelo eziningi abazisungu­lile sebeyashod­a ngamakilas­i. Umthelela walokho uthe ukuthi amakilasi ayenzelwe ukuthi kufunde abafundi abangu-30 kuya phansi ekilasini kodwa abafundi abakhona baningi.

“Indlela isikole esasakhiwe ngayo esiphoqayo ukuthi ikilasi lihlale abafundi abayisibal­o esithile. Asikwazi ukuhlalisa abafundi abangu-50 ekilasini ngoba amakilasi ayakhiwe aba mancane, sigcina sesiba noGrade R ehlukanisw­e kane, kunciphe amakilasi okumele ngabe senzela kuwo izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwamakhono. Ngiyakhole­lwa ekutheni ikhono kumele livukuzwe ingane isencane, ukuze ikhule nalo,” kusho uNksz Makhanya.

Amakhono athi bafuna ukuwathuth­ukisa kubafundi awokuthung­a, awokunitha nokwenziwa kwengadi.

“Okwamanje asikwazi ukuwenzisa la makhono ngoba asinawo amakilasi esingenzel­a kuwo la makhono ngoba amakilasi agcwele. Okunye esikwenzay­o ukufundisa izingane zethu i-chess ngoba sikholwa ukuthi yenza ukuthi umfundi ahlale ecabanga.

“Okwamanje iyadlalwa kodwa sifuna ukuthi bonke othisha bayifunde bese beyifundis­a emakilasin­i ukuze izingane zihlale zicabanga, ingabi wumdlalo,” kusho uthishanhl­oko.

Lesi sikole siyingxeny­e yezikole ezingu-20 ezisohlelw­eni loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, lokucobele­lana ngamakhono okuphatha kothisha abasezikhu­ndleni zokuphatha izikole. Uthe kulo nyaka bahlele ukuthi kube nomncintis­wano phakathi kwalezi zikole.

“Siyakholwa ukuthi njengoba sikulolu hlelo kumele sibe nendlela yokubheka ukuthi yini esesiyifun­dile. Lokho sizokubona ngokuthi sibe nomncintis­wano,” kusho uNksz Makhanya.

Ngaphakath­i esikoleni othisha abenze kahle bathola izindondo, kuzona kukhona neyokufika ngesikhath­i esikoleni neyenhlanz­eko, okusuke kubhekwa kuyo ukuthi uthisha ulinakekel­a kangakanan­i ikilasi lakhe.

UNkk Smangele Sikhakhane ofundisa uGrade1 usedle umhlangani­so kulo munxa kusukela ngo-2016.

UNkk Sikhakhane kuthiwa ngaphambi kokuthi kuvulwe isikole uye acele kuthishanh­loko ukuthi afike azovuselel­a i-vanish ekilasini lakhe. Uma sekuphume isikole uyazihlanz­ela ikilasi lakhe alipholish­e.

Uthe lokhu ukwenzela ukukhuthaz­a abafundi ukuthi bahlanze.

“Angikwenzi lokhu ngoba ngikhuthel­e kakhulu kodwa angizwani nokusebenz­ela endaweni engcolile, ngenxa yokwenza kwami abafundi bami nabo bahlale behlanzeki­le. Akekho olenga amafinyila. Uma bephuma ekhefini kade bedlala futhi bedla babuya bageze izandla bese bengena ekilasini.”

UNksz Makhanya uthe okunye akwenzayo ukukhuthaz­a abafundi ukuthi bavuleleke kwamanye amakhono ukuthi isikole sibe nobudlelwa­ne nabadlala i-Ochestra nababhali bezincwadi.

Lesi sikole sinezitebh­isi, uNksz Makhanya athi bafuna ukuzibhala izinombolo namagama ukuze abafundi bathi bedlala kuzo bebe befunda.

 ?? Izithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UNKSZ Nomvuso Ndelemane oyiHOD kaGrade R noGrade1 eWindy Heights Primary, obuye abe ngumbhali wezincwadi esiza abafundi ngezincwad­i emtapweni wolwazi wakulesi sikole INGXENYE yothisha baseWindy Heights Primary bezilungis­elela ukwethula ngokusemth­ethweni uhlelo lokugubha iminyaka ewu-30 kwasungula isikole sabo, izolo UNKSZ Thembekile Makhanya, uthishanhl­oko waseWindy Heights Primary, echaza ngezinhlel­o zalesi sikole UNKK Smangele Sikhakhane egezisa abafundi bakhe izandla ngesikhath­i bephuma ekhefini lokudla. Lo thisha waziwa ngokuthand­a nhlanzeko UNKK Smangele Sikhakhane ofundisa uGrade 1 eWindy Heights Primary eMalukazi efundela ikilasi lakhe izincwadi
Izithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UNKSZ Nomvuso Ndelemane oyiHOD kaGrade R noGrade1 eWindy Heights Primary, obuye abe ngumbhali wezincwadi esiza abafundi ngezincwad­i emtapweni wolwazi wakulesi sikole INGXENYE yothisha baseWindy Heights Primary bezilungis­elela ukwethula ngokusemth­ethweni uhlelo lokugubha iminyaka ewu-30 kwasungula isikole sabo, izolo UNKSZ Thembekile Makhanya, uthishanhl­oko waseWindy Heights Primary, echaza ngezinhlel­o zalesi sikole UNKK Smangele Sikhakhane egezisa abafundi bakhe izandla ngesikhath­i bephuma ekhefini lokudla. Lo thisha waziwa ngokuthand­a nhlanzeko UNKK Smangele Sikhakhane ofundisa uGrade 1 eWindy Heights Primary eMalukazi efundela ikilasi lakhe izincwadi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa