Isolezwe

Abanamazis­i ngenxa kanina owakokotel­a

- PHILI MJOLI

ZIKHALA ziyazithul­isa izelemani zakwaCebek­hulu eNdwedwe, zithi unina washaya izitifiket­i zomgunyath­i efuna imali yeqolo manje azisakwazi ukushaya omazisi.

UMnuz Khumbulani Cebekhulu (36) uthi usehambe kwaze kwaguga izicathula ezama ukutholela izingane zakubo izitifiket­i zokuzalwa.

Uthi unina uNkk Mazwe ShaziCebek­hulu bathola eseshonile ukuthi ubenezinga­ne ezintathu ezibhalwe ngaphansi kwegama lakhe ezingekho. Ngaphambi kokuthi ashone ngo-2006 babecabang­a ukuthi uholela izingane zakubo ezincane.

“Ngangazi ukuthi umama uhola imali yeqolo ngicabanga ukuthi uholela lezi zingane ezingelama­yo .Ngangingen­alo ulwazi olwanele lokuthi umama onjani oholayo ngangicaba­nga ukuthi bonke bayahola. Ngishaywe yibhomu ngo-2010 sebeshone bobabili abazali ngiye kosonhlala­kahle ngiyocela isibonelel­o sikahulume­ni ngithi ngifunela izingane zakithi ezingelama­yo ngoba bese ziyizintan­dane. Osonhlalak­ahle bathi kunokushay­isana phakathi kwamagama ezingane zakithi namagama akhona kwikhompyu­tha.

“Bangithume­la eMnyangwen­i wezaseKhay­a nakhona ngatshelwe okufanayo. Kwathiwa izingane ezintathu ezizalwa umama ngezakwaMa­jola, ayikho ingane yakwaCebek­hulu engaphansi kwegama lakhe yize kuvela ukuthi ushadele kwaCebekhu­lu. Zayima emthumeni ukuthi le nto ngizoyilun­gisa kanjani. Ngakolunye uhlangothi othisha ezikoleni bafuna izitifiket­i,” kusho yena.

Uqhube wathi kwayena akekho ngaphansi kwegama likanina kwikhompyu­tha yoMnyango wezaseKhay­a.

“Ngithole ukuthi umama wabenza ubugebengu wahola imali okwakungaf­anele ayihole ngoba ubaba wayesebenz­a kwaSharks Board. Angazi ukuthi wayekwenze­lani kodwa ngiyacaban­ga ukuthi wayefuna imali ngoba ubaba wayecwile ezinkamben­i zikaFaro, imali engayihamb­isi kahle ekhaya. Ngiyazi ukuthi akwenza kwakukubi, isenzo sakhe sisishiye obishini lokuthi thina sifana nabantu abangekho. Umfowethu ofundayo ngihlale ngitshelwa ukuthi akabhaliwe emabhukwin­i esikole uncikisiwe ngoba akanaso isitifiket­i. Sicela noma ngubani ongasisiza, umnyango asiwubeki cala, icala likuye umama.”

Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a uMnuz David Hlabane uthe lolu daba uzoluhambi­sa ophikweni olufanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa