Isolezwe

Abaholi enkantolo ngenyanga ezayo

- NTATHELI YESOLEZWE

BAZOBUYELA ngenyanga ezayo enkantolo abaholi be-IFP abakade beboshwe ngempelaso­nto ngoba besolwa ngokuzama ukubulala nokulimaza.

IKhansela uSakhayedw­a Siyaya, Khansela Absolom Mbatha noMnuz Emanuel Danisa, uNobhala we-IFP ebaQulusin­i, badedelwe ngebheyili kaR2 000 umuntu ngamunye inkantolo yaseVryhei­d ngoMsombul­uko.

Bobathathu bazinikela emaphoyise­ni ngoMgqibel­o emuva kokuba kudutshulw­e amalungu omphakathi nezingane zesikole zalimala ngoLwesihl­anu.

Ngesikhath­i kudutshulw­a bekukade kutholene phezulu amalungu omphakathi abeholwa ngabaholi be-IFP bendawo uMnuz Smanga Zwane noMnuz Politiki Mtshali nawe-IFP abeholwa yisigungu sikazwelon­ke seqembu.

Abebehola umphakathi bebezomash­ela izidingo zentuthuko kanti laba besigungu sikazwelon­ke bebemashel­a i-ANC abayisola ngokufuna ukuthatha omasipala babo ngale kokhetho.

Okhulumela amaPhoyisa esifundazw­eni, uLT Colonel Thulani Zwane, uthe amaPhoyisa asilawulil­e isimo okuholele ekutheni abanye bavele enkantolo.

“Phezu kokuba izinhlango­thi zombili bezikhona enkantolo kodwa aluzange lube khona udlame. Bonke abebekhona bahlakazek­e ngokuthula. Abamangale­lwa badedelwe ngebheyili. Bazobuyela enkantolo ngoMashi 25,” kusho uZwane.

Imashi igcine isiphenduk­a inkombanko­mbane phakathi kwe-IFP ne-ANC. Umkhulumel­i we-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu usole i-IFP ngokuba nodlame nokuhlukum­eza umphakathi obuzimashe­la ngokuthula.

Ngakolunye uhlangothi umkhulumel­i we-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukhombe ngenjumban­e i-ANC ngokubachu­kuluza nokususa uthuthuva.

Uthe bebemasha ngokuthula kodwa i-ANC yafika yabahlasel­a yashaya nezingane zesikole.

UMnuz Smanga Zwane, obehola imashi yomphakath­i waseDinuzu­lu nobesebuho­lini be-IFP eBhekuzulu, uthe uhlela isithangam­i nabezindab­a ukuze achaze ngokwenzek­ile.

Uthe uphatheke kabi ngokuthi kugcine kuchitheka igazi ngale ndlela.

Ababoshiwe bebesohlan­gothini lwemashi ebiholwa uMnuz Nhlanhla Msimango noMnuz Blessed Gwala abebethi bona bebevikela omasipala beNkatha kuKhongolo­se.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa